Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 8:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Inkosi yakhumula indandatho yayo ebiyisusile kuHamani, yayinika uMoridekayi. U-Esteri wambeka uMoridekayi phezu kwendlu kaHamani.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Inkosi yathatha indandatho yayo yokusicilela, leyo eyayiyephuce uHamani, yayinika uMoridekhayi. U-Esteri waqoka uMoridekhayi ukuba engamele indlu kaHamani.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Inkosi yakhumula indandatho yayo ebiyithathile kuHamani, yayinika uMoridekayi. U-Esteri wabeka uMoridekayi phezu kwendlu kaHamani.

Gade chapit la Kopi




Esteri 8:2
11 Referans Kwoze  

Inkosi yakhumula indandatho yayo esandleni sayo, yayinika uHamani indodana kaHamedatha umAgagi isitha sabaJuda.


Inkosi yamkhulisa uDaniyeli, yamupha izipho eziningi ezinkulu, yamenza ukuba abuse sonke isifunda saseBabele, abe ngumholi wababusi babahlakaniphileyo baseBabele.


UFaro wayesekhumula indandatho yakhe esandleni sakhe, wayifaka esandleni sikaJosefa, wamembathisa izingubo zelineni elicolekileyo, wafaka umnaka wegolide entanyeni yakhe.


“Kepha uyise wathi ezincekwini zakhe: ‘Sheshani nikhiphe ingubo enhle kunazo zonke, niyembathise, nifake indandatho esandleni sayo nezicathulo ezinyaweni,


Lindela uJehova, ulonde indlela yakhe; uzakukuphakamisa, udle ifa lomhlaba, ubukele lapho ababi bechithwa khona.


U-Esteri waqhubeka wakhuluma phambi kwenkosi, wawa ngasezinyaweni zayo, wakhala, wayinxusa ukuba ibususe ububi bukaHamani umAgagi necebo lakhe ayelicebe ngabaJuda.


Zonke izenzo zegunya lakhe namandla akhe, nayo yonke indaba yobukhulu bukaMoridekayi inkosi eyayimkhulisela kubo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi aseMediya nasePheresiya na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite