Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 8:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ezifundeni zonke nasemizini yonke lapho kufika khona izwi lenkosi nomthetho wayo, abaJuda babe nokuthokoza nokujabula, nedili, nosuku oluhle. Abezizwe abaningi baphenduka abaJuda, ngokuba babehlelwe yingebhe ngabaJuda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Kulowo nalowo muzi, nakuleso sifundazwe, lapho izwi lenkosi nomthetho wayo kwase kufinyelele khona, kwaba nenjabulo nentokozo, abaJuda benedili, nosuku oluhle, bejabulile. Abantu abaningi bendawo baphenduka baba ngabaJuda, ngoba base bebesaba abaJuda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ezifundeni zonke nasemizini yonke, lapho kwafika khona izwi lenkosi nomyalo wayo, abaJuda baba nokujabula nokujabula, nomkhosi nosuku oluhle. Abaningi kubantu bezwe baba amaJuda; ngoba ukwesaba abaJuda kwabehlela.

Gade chapit la Kopi




Esteri 8:17
17 Referans Kwoze  

Ngalokho abaJuda basemaphandleni ababehlezi emizaneni engabiyelwe benza usuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari lube ngolokuthokoza nolwedili nosuku oluhle nolokuthumelana izipho omunye komunye.


Wangikhulula ezimpini zabantu; wangimisa ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bangikhonza.


Buza izinsizwa zakho, ziyakukutshela; ngalokho izinsizwa mazithole umusa emehlweni akho, ngokuba sifikile ngosuku oluhle; ake unike izinceku zakho nendodana yakho uDavide okungafunyanwa esandleni sakho.’ ”


Akuyikubakho muntu ongema phambi kwenu; uJehova uNkulunkulu wenu uyakubeka ingebhe novalo ngani ezweni lonke eniyakunyathela kulo, njengalokho akhuluma kini.


abaJuda banquma bamukela, bona nenzalo yabo, nabo bonke ababezihlanganisa nabo, ukuthi bayakugcina lezo zinsuku zombili njengokubhalwa kwazo nanjengesikhathi sazo esinqunyiweyo iminyaka yonke, bangaphuthi,


njengezinsuku abaJuda abathola ngazo ukuphumula ezitheni zabo nenyanga eyaguqulwa kubo osizini yaba ngeyokuthokoza nasekulileni kwaba lusuku oluhle, bazenze zibe yizinsuku zedili nezokuthokoza nezokuthumelana izipho omunye komunye, kanye nezipho kwabampofu.


AbaJuda babuthana emizini yabo ezifundeni zonke zenkosi u-Ahashiveroshi ukuba babeke izandla kulabo ababefuna ukubalimaza; akubangakho ongamelana nabo, ngokuba abantu bonke babehlelwe yingebhe ngabo.


Namuhla ngiyakuqala ukubeka uvalo nokukwesaba phezu kwezizwe zonke eziphansi kwezulu, eziyakuzwa indaba yakho, zithuthumele, ziqhaqhazele ngenxa yakho.’


Bayehlelwa luvalo nokwesaba; ngokobukhulu bengalo yakho bathulisa okwetshe, baze bawele abantu bakho, Jehova, baze bawele abantu bakho obathengileyo.


Base bemuka; ukumesaba uNkulunkulu kwakuphezu kwemizi eyayikhona nxazonke; abawaxoshanga amadodana kaJakobe.


Lokho kwakungosuku lweshumi nantathu lwenyanga ka-Adari; ngosuku lweshumi nane lwayo baphumula, balwenza lwaba lusuku lwedili nolokuthokoza.


Wayesethi kubo: “Hambani nidle okunonileyo, niphuze okumnandi, nithumele izabelo kwabangalungiselwanga lutho, ngokuba lolu suku lungcwele kuJehova; ningadabuki, ngokuba injabulo kaJehova iyinqaba yenu.”


wathi kumadoda: “Ngiyazi ukuthi uJehova uninikile izwe, nokuthi sehlelwe ngukunesaba, nokuthi bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwenu.


Sathi sikuzwa lokho, izinhliziyo zethu zaphela amandla, akwabe kusabakho sibindi kumuntu phambi kwenu, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi.


Zonke izikhulu zezifunda, nawothulasizwe, nababusi, nabenza umsebenzi wenkosi, babasiza abaJuda, ngokuba babehlelwe yingebhe ngoMoridekayi.


IGibithe lajabula ekuphumeni kwabo, ngokuba ukwesaba kwabehlela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite