Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 8:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Zase ziphuma izigijimi zigibele amahhashi anejubane, amahhashi enkosi, zisheshiswa ziqhutshwa yizwi lenkosi; umthetho washaywa eShushani endlini yenkosi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Izigijimi zagibela amahhashi asebukhosini anejubane, zaphuma ngesivinini, ziqhutshwa ngumyalezo wenkosi. Lowo mthetho wawushaywe ngisho eShushani, inhlokomuzi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Khona-ke amadodana ayegibele iminyuzi namakamela aphuma ngokushesha, ayala ngesiyalezo senkosi. Futhi umyalo wanikezwa esigodlweni uSusan.

Gade chapit la Kopi




Esteri 8:14
13 Referans Kwoze  

Ngabona embonweni; kwase kuthi ekuboneni kwami ngangiseShushani endlini yenkosi esifundeni sase-Elamu; ngabona-ke embonweni, ngangisemfuleni i-Ulayi.


Izigijimi zashesha zahamba ngezwi lenkosi. Umthetho washaywa eShushani endlini yenkosi; inkosi noHamani bahlala phansi, baphuza, kepha umuzi waseShushani wakhungatheka.


Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.


inkosi imise ababonisi ezifundeni zonke zombuso wakho ukuba babuthele ndawonye zonke izintombi ezibukekayo eShushani endlini yenkosi endlini yabesifazane phansi kwesandla sikaHegayi induna yenkosi, umgcini wabesifazane, zinikwe izinto zazo zokuqhola.


yebo, ngaleyo mihla lapho inkosi u-Ahashiveroshi ihlezi esihlalweni sobukhosi sombuso wayo, esasiseShushani endlini yenkosi,


Amazwi kaNehemiya indodana kaHakaliya. Kwathi ngenyanga kaKhisilevi, ngomnyaka wamashumi amabili ngisendlini yenkosi yaseShushani,


UDavide wathi ku-Ahimeleki: “Akukho lapho phansi kwesandla sakho umkhonto noma inkemba na? Ngokuba angifikanga nenkemba yami nezikhali zami, ngokuba udaba lwenkosi lwalusheshisa.”


Nebhali,* nefoliji* lamahhashi, namahhashi anejubane zakuletha endaweni lapho zikhona, kwaba yileyo naleyo njengokunqunyelwe yona.


Zase zihamba izigijimi nezincwadi eziphuma esandleni senkosi nasezikhulwini zayo, zaya kuye wonke u-Israyeli noJuda ngesiyalezo senkosi sokuthi: “Nina bantwana bakwa-Israyeli, buyelani kuJehova uNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka noka-Israyeli ukuba abuyele kuyo insali yenu yabasindileyo esandleni samakhosi ase-Asiriya.


Izincwadi zathunywa ngesandla sezigijimi ezifundeni zonke zenkosi ukuba kuchithwe, kubulawe, kubhujiswe abaJuda bonke, abasha nabadala, izingane nabesifazane, ngalusuku lunye, ngolweshumi nantathu lwenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari, impahla yabo ibe yimpango.


Impinda yokulotshiweyo yanikwa ukuba ibe yisimemezelo ezifundeni zonke, kumenyezelwe kubantu bonke ukuba bazilungiselele lolo suku.


Impinda yokulotshiweyo yanikwa ukuba ibe yisimemezelo ezifundeni zonke, kumenyezelwe kubantu bonke ukuba abaJuda bazilungiselele lolo suku, baziphindisele ezitheni zabo.


Wayesephuma uMoridekayi ebusweni benkosi embethe isambatho sobukhosi esiluhlaza nesimhlophe, enomqhele omkhulu wegolide nengubo yelineni elicolekileyo nebubende; umuzi waseShushani wajabula, wathokoza.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite