Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 7:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 ngokuba kuthengisiwe ngathi, mina nesizwe sakithi, ukuba sichithwe, sibulawe, sibhubhe. Uma bekuthengisiwe ngathi sibe yizigqila nezigqilakazi kuphela, ngabe ngithulile, ngokuba usizi lwethu alwanele ukuba sisinde inkosi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Ngokuba mina nabantu bakithi sithengisiwe, sizobulawa, sibhujiswe, siqedwe nya. Ukuba besithengisiwe sayoba yizigqila bengizozithulela, ngokuba leyo nkathazo ibingeke iyilimaze inkosi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba sithengisiwe, mina nabantu bami, ukuba sibhujiswe, sibulawe, sibhubhe. Kodwa uma sithengiswa sibe yizigqila nezigqilakazi, ngangithula ulimi lwami, nakuba isitha sasingenakubuyisela umonakalo wenkosi.

Gade chapit la Kopi




Esteri 7:4
18 Referans Kwoze  

Uma kukuhle enkosini, makulotshwe ukuba sichithwe; ngiyakukhokhela amatalenta* ayizinkulungwane eziyishumi esiliva ezandleni zabenza umsebenzi wenkosi, ayiswe esikhwameni senkosi.”


UJehova uyakukubuyisela eGibithe ngemikhumbi ngendlela engasho ngayo kuwe ukuthi: ‘Awusayikuyibona futhi.’ Lapho niyakuzithengisa ezitheni zenu nibe yizigqila nezigqilakazi, ningathengwa muntu kodwa.”


Izincwadi zathunywa ngesandla sezigijimi ezifundeni zonke zenkosi ukuba kuchithwe, kubulawe, kubhujiswe abaJuda bonke, abasha nabadala, izingane nabesifazane, ngalusuku lunye, ngolweshumi nantathu lwenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari, impahla yabo ibe yimpango.


inkosi eyavumela ngakho abaJuda ababesemizini ngemizi ukuba babuthane, bamele ukuphila kwabo, bachithe, babulale, babhubhise onke amabutho abantu nawesifunda abahlaselayo, izingane nabesifazane, impahla yabo ibe yimpango,


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Israyeli, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba bathengisile olungileyo ngesiliva, nompofu ngamabhangqa ezicathulo.


nathengisa ngabantwana bakwaJuda nangabantwana baseJerusalema kumadodana aseJavani ukuba nibadedisele kude nemikhawulo yabo.


U-Esteri wathi: “Ngumuntu omelene nathi, oyisitha, uHamani lo omubi.” UHamani wayeseshaywa luvalo phambi kwenkosi nenkosikazi.


Nokho inyama yethu injengenyama yabafowethu, abantwana bethu banjengabantwana babo; bheka, sithobisa amadodana ethu namadodakazi ethu, abe yizigqila; amanye amadodakazi ethu asethotshisiwe; futhi awakho amandla ezandleni zethu, ngokuba amasimu ethu nezivini zethu sekungokwabanye.”


Hlala kimi, ungesabi, ngokuba ofuna ukuphila kwami ufuna ukuphila kwakho, kepha uyakulondolozeka kimi.”


Ngalokho seniqalekisiwe, akuyikunqamuka ukuvela kini izigqila, abagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo indlu kaNkulunkulu wami.”


Kepha uma leyo nceku ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami ilibele ukufika,’ iqale ukushaya abafana namantombazana, idle, iphuze, idakwe,


Yayisisho inkosi u-Ahashiveroshi, ithi ku-Esteri inkosikazi: “Ngubani lo, uphi yena onesibindi sokwenza lokho na?”


ngokuba ngingakubuka kanjani okubi okuyakufica isizwe sakithi, noma ngingakubuka kanjani ukuchithwa kwezihlobo zami na?”


kepha lapho lokho kwafika phambi kwenkosi, yasho ngencwadi ukuba lelo cebo elibi ayelicebe ngabaJuda libuyele ekhanda lakhe, yena namadodana akhe baphanyekwe emthini.


Phezu kwazo wamisa abongameli abathathu, uDaniyeli engomunye wabo, ukuba izikhulu zibike kubo, ukuze inkosi ingalimali ngalutho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite