Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 6:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 isambatho nehhashi makunikezwe esandleni sesinye sezikhulu ezidumileyo ukuba zimembathise lowo muntu inkosi ethanda ukumdumisa, zimkhwelise ehhashini esigcawini somuzi, zimemeze phambi kwakhe ngokuthi: ‘Uyakwenzelwa kanjalo umuntu inkosi ethanda ukumdumisa.’ ”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 bese kuthi esinye sezikhulu zakho eziqavile, simgqokise ingubo lowo muntu inkosi efuna ukumdumisa, simgibelise ehhashini, simhole siye naye eshashalazini lomuzi. Uma sesifike lapho siyomemezela, sithi: ‘Kuyokwenziwa kanje kumuntu inkosi efuna ukumdumisa!’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Le ngubo nehhashi makunikezwe esandleni sesinye sezikhulu zenkosi ezihlonipheke kakhulu ukuba zigqokise umuntu inkosi ethanda ukumdumisa ngayo, zimlethe ngehhashi ezitaladini zomuzi, zimemeze phambi kwakhe, Kuyakwenziwa kanjalo kumuntu inkosi ethanda ukumdumisa.

Gade chapit la Kopi




Esteri 6:9
5 Referans Kwoze  

Wamkhwelisa enqoleni yesibili emva kwakhe; bamemeza phambi kwakhe, bathi: “Guqani!” Wambeka phezu kwezwe lonke laseGibithe.


Thokoza kakhulu, ndodakazi yaseSiyoni; jabula nokujabula, ndodakazi yaseJerusalema; bheka, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inensindiso, ithobekile, ikhwele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.


Yayisithi inkosi kuye: “Umuntu inkosi ethanda ukumdumisa wenzelwani na?” UHamani wathi enhliziyweni yakhe: “Ngubani inkosi ebiyakuthanda ukumenzela udumo ngaphandle kwami na?”


Yayisithi inkosi kuHamani: “Shesha, uthathe isambatho nehhashi njengokusho kwakho, wenze njalo kuMoridekayi, umJuda, ohlezi esangweni lenkosi. Makungaphuthi lutho lwakho konke okukhulumileyo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite