Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 6:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 UHamani walandisa uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe konke okumehleleyo. Zase zithi kuye izihlakaniphi zakhe noZereshi umkakhe: “Uma uMoridekayi oqale ukuwa phambi kwakhe engowenzalo yabaJuda, awuyikumahlula, kepha uyakuwa nokuwa phambi kwakhe.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Waxoxela umkakhe nabo bonke abangani bakhe ngento eyayimehlele. Labo bangani bakhe abahlakaniphile nomkakhe, bathi kuye: “Njengoba uMoridekhayi engumJuda, ukuwa kwakho sekuqalile. Ngeke ukwazi ukumelana naye ubuso nobuso, impela uzokuqumba phansi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 UHamani wamtshela uSeresi umkakhe nabo bonke abangane bakhe ngakho konke okumehleleyo. Izazi zakhe noSeresi umkakhe zathi kuye: “Uma uMoridegayi oqale ukuwa phambi kwakhe engowenzalo yabaJuda, awuyikumhlula, kepha uyakuwa nokuwa phambi kwakhe.

Gade chapit la Kopi




Esteri 6:13
16 Referans Kwoze  

Ohamba ekupheleleni uyakusinda, kepha ophambene ngezindlela zakhe uyakuwa kwenye yazo.


Ngubani ohlakaniphile, aqonde lezi zinto; ngubani onomqondo, azazi, na? Ngokuba izindlela zikaJehova zilungile; abalungileyo bayakuhamba ngazo, kepha abaphambukayo bayakukhubeka ngazo.


Kwathi ekuseni umoya wakhe wakhathazeka; wathuma wabiza izanusi zonke zaseGibithe nezihlakaniphi zonke zalo; uFaro wazilandisa iphupho lakhe; kepha akubangakho ongachazela wona uFaro.


zingakadluli izinsuku ezintathu, uFaro uzakuphakamisa ikhanda lakho, alisuse kuwe, akuphanyeke emthini; izinyoni ziyakudla inyama yakho, ziyisuse kuwe.”


Ngalokho inkosi yathukuthela, yafutheka kakhulu, yayaleza ukuba kubhujiswe bonke abahlakaniphileyo baseBabele.


“Ngizwile izinto eziningi ezinjalo; nina nonke ningabaduduzi ababi.


Ukuhlupheka nosizi kuyamethusa; kuyamahlula njengenkosi ezilungiselele impi,


Inceku yayisimtshela u-Isaka konke ebikwenzile.


Wabuthalala, walala phansi njengengonyama, nanjengengonyamakazi, ngubani oyakumvusa na? “Mababusiswe bonke abakubusisayo, baqalekiswe bonke abakuqalekisayo.”


“Wamfumana ezweni eliyihlane, nasoqwatheni lomkhulungwane kwahlongasibi, wamzungeza, wamnakekela, wamgcina njengenhlamvu yeso lakhe.


ethi: “Ningathinti abagcotshiweyo bami, ningoni abaprofethi bami.”


UJehova uyakudla ifa lakwaJuda, libe yisabelo sakhe ezweni elingcwele, abuye akhethe iJerusalema.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite