Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 6:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 UMoridekayi wabuyela esangweni, kepha uHamani waphuthuma ekhaya ekhala, embozile ikhanda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 UMoridekhayi wayesephindela esangweni lesigodlo, kodwa uHamani washesha waqonda emzini wakhe, ezemboze ubuso ngenxa yokuhlazeka.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 UMoridekayi wabuye wafika esangweni lenkosi; Kepha uHamani waphuthuma endlini yakhe, elila, ezimboze ikhanda.

Gade chapit la Kopi




Esteri 6:12
14 Referans Kwoze  

UDavide wenyuka ngommango weNtaba Yeminqumo, enyuka ekhala, egubuzele ikhanda, engenazicathulo; bonke abantu ababenaye bagubuzela, kwabayilowo nalowo ikhanda lakhe, benyuka, benyuka bekhala.


ukuthi ukujabula kwababi kufushane, nokuthokoza kwabangenaNkulunkulu kungokokuphazima kweso nje, na?


U-Ahabi wangena endlini yakhe ehluneme, ethukuthele ngenxa yezwi abelikhulume kuye uNaboti waseJizreyeli; ngokuba wayeshilo ukuthi: “Angiyikukunika ifa lawobaba.” Walala embhedeni, waphendula ubuso, akadlanga lutho.


Umhlaba unikezwe esandleni sababi; uyasibekela ubuso babahluleli bawo; uma kungesiye, pho, ngubani na?


Inkosi isibuya ensimini yendlu yenkosi, ingene endlini yedili lewayini, uHamani wayesewele embhedeni u-Esteri ayekuwo. Yayisithi inkosi: “Uyakuyiphoqa inkosikazi phambi kwami lapha endlini na?” Lapho liphuma leli zwi emlonyeni wenkosi, bamboza ubuso bukaHamani.


Lapho izintombi sezibuthwa ngokwesibili, uMoridekayi wahlala esangweni lenkosi.


U-Azariya, umpristi omkhulu, nabo bonke abapristi bambuka; bheka, wayenochoko ebunzini lakhe; bashesha bamkhipha khona; naye waphuthuma ukuphuma, ngokuba uJehova wayemshayile.


Inkosi yakwa-Israyeli yaya endlini yayo ihluneme, ithukuthele, yeza eSamariya.


Lapho u-Ahithofeli ebona ukuthi isiluleko sakhe asilandelwanga, wayibophela imbongolo yakhe, wasuka, waya ekhaya emzini wakhe, wayala ngendlu yakhe, waziphanyeka, wafa, wembelwa ethuneni likayise.


USamuweli walala kwaze kwasa, wavula iminyango yendlu kaJehova. USamuweli wesaba ukumtshela u-Eli umbono.


UHamani wathatha-ke isambatho nehhashi, wamembathisa uMoridekayi, wamkhwelisa esigcawini somuzi, wamemeza phambi kwakhe ngokuthi: “Uyakwenzelwa kanjalo umuntu inkosi ethanda ukumdumisa.”


Wathi kuye: “Ngokuba ngakhuluma kuNaboti waseJizreyeli, ngathi kuye: ‘Ngiphe isivini sakho ngesiliva; kepha uma uthanda, ngiyakukunika esinye isivini esikhundleni saso;’ kodwa wathi: ‘Angiyikukunika isivini sami.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite