Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 4:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Izintombi zika-Esteri nezinduna zakhe zafika zamtshela lokho; inkosikazi yazwiswa kakhulu ubuhlungu; yathuma izingubo zokumembathisa uMoridekayi, yasusa kuye ingubo yakhe yamasaka; kepha akazamukelanga.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Izintombi eziyizisebenzi zika-Esteri nabathenwa bamazisa ngalokho, waphatheka kabi kakhulu, wamthumelela izingubo uMoridekhayi ukuze akhumule indwangu eyisaka, agqoke zona, kodwa wazenqaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Zase zifika izincekukazi zika-Esteri nezincekukazi zakhe, zamtshela. Khona-ke indlovukazi yadabuka kakhulu; wathumela izingubo zokugqokisa uMoridegayi, akhumule indwangu yakhe yesaka kuye, kepha akazemukelanga.

Gade chapit la Kopi




Esteri 4:4
10 Referans Kwoze  

Osukwini losizi lwami ngiyayifuna iNkosi; ebusuku isandla sami seluliwe, asidangali; umphefumulo wami wala ukududuzwa.


Usho kanje uJehova, uthi: “Izwi liyezwakala eRama, ukulila nokukhala okumunyu, uRaheli ekhalela abantwana bakhe; uyala ukududuzwa ngabantwana bakhe, ngokuba abasekho.”


Indodana yowezizwe ezihlanganise noJehova mayingasho ukuthi: “Impela uJehova uyakungahlukanisa nabantu bakhe,” nomthenwa angathi: “Bheka, ngingumuthi owomileyo.”


Kepha inkosikazi uVashiti yenqaba ukuza ngesiyalezo senkosi ngesandla sezinduna; ngalokho inkosi yathukuthela kakhulu, ulaka lwayo lwashisa phakathi kwayo.


Waphakamisela ubuso bakhe ngasefasiteleni, wathi: “Ubani onami na? Ngubani?” Kwase kulunguza kuye izinduna ezimbili noma ezintathu.


Iyakuthatha okweshumi kwembewu yenu nokwesivini senu, ikunike izinduna zayo nezinceku zayo.


Onke amadodana akhe nawo onke amadodakazi akhe asuka ukuyomduduza, kepha wala ukududuzwa, wathi: “Ngiyakwehla, ngiye endodaneni yami endaweni yabafileyo ngilila.” Uyise wamlilela-ke.


Wayesesuka wahamba. Bheka, nansi indoda yase-Etiyopiya, umthenwa, isikhulu sikaKhandakhe inkosikazi yase-Etiyopiya, ebiphezu kwengcebo yayo yonke, ebifikile eJerusalema izakukhuleka;


Kuzo zonke izifunda lapho kwafika khona izwi lenkosi nomthetho wayo, kwaba khona ukulila okukhulu phakathi kwabaJuda, nokuzila ukudla nokukhala ngezinyembezi, nokulila; abaningi balala phansi bembethe izindwangu zamasaka nomlotha.


U-Esteri wayesebiza uHathaki wezinduna zenkosi eyayimmisile ukuba amkhonze, wamyala ukuba aye kuMoridekayi, ukuze akwazi ukuthi kuyini nokuthi kungani na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite