Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 4:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UMoridekayi esekwazi konke okwenziweyo, uMoridekayi waziklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu yamasaka nomlotha, waphumela phakathi komuzi, wakhala ngokukhala okukhulu okumunyu;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Kwathi ukuba uMoridekhayi ezwe ngakho konke okwakwenzekile, waklebhula izingubo zakhe, wagqoka isaka, wazithela ngomlotha ekhanda, wazulazula emzini ekhala kakhulu nakalusizi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi uMoridegayi ebona konke okwenzekileyo, uMoridegayi waklebhula izingubo zakhe, wembatha izingubo zokulila nomlotha, waphuma waya phakathi nomuzi, wakhala ngokukhala okukhulu nokubabayo;

Gade chapit la Kopi




Esteri 4:1
27 Referans Kwoze  

Ngase ngibhekisa ubuso bami kuyo iNkosi uNkulunkulu ukuba ngikhuleke, nginxuse ngokuzila ukudla, nangendwangu yamasaka, nangomlotha.


Ngalokho ngiyazinenga, ngizisole othulini nasemlotheni.”


UTamari wayesezithela ngomlotha ekhanda, wayiklebhula ingubo yakhe enemibala owayeyigqokile, wathwala izandla ekhanda, wamuka, ehamba ekliwula.


UDavide wayesebamba izingubo zakhe, waziklebhula kanye nawo onke amadoda ayenaye.


Wathatha udengezi ukuzozenwaya ngalo; wayehlezi phakathi komlotha.


Kwathi ukuba bakuzwe lokho abaphostoli oBarnaba noPawulu, baklebhula izingubo zabo, baphonseka phakathi kwesixuku bememeza


“Maye kuwe Korazini! Maye kuwe Betsayida! Ngokuba uma kwakwenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngakube kade yaphenduka ngesaka nangomlotha.


“Usuku olukhulu lukaJehova luseduze; luseduze, lushesha kakhulu; umsindo wosuku lukaJehova uyababa, neqhawe liyahhewula khona.


Ngenxa yalokho ngiyakukhala, ngihhewule, ngihambe ngihlutshuliwe, ngihamba ze; ngenze isililo njengamakhanka, ngikhale njengezintshe.


“Kepha wena ndodana yomuntu, bubula, ububule ngomunyu emehlweni abo ngokwaphuka kokhalo lwakho.


Yikhona lokhu kuzila engikukhethileyo yini nosuku lokuba umuntu awuhluphe umphefumulo wakhe; ukuthi umuntu ugoba ikhanda lakhe njengomhlanga, endlale indwangu yamasaka nomlotha phansi kwakhe, na? Lokhu kambe ungakubiza ngokuthi ukuzila nosuku olwamukelekayo kuJehova na?


Ngalokho ngathi: “Ningangibheki, ngiyakukhala ngomunyu; ningazami ukungiduduza ngenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.”


IHeshiboni liyadazuluka kanye ne-Elehale; izwi labo lizwakala kuze kube naseJahasi; ngalokho amabutho akwaMowabi ayakhamuluka, umphefumulo wakhe uyathuthumela phakathi kwakhe.


Wayesesukuma uJobe, waklebhula ingubo yakhe, waphucula ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka,


Kuzo zonke izifunda lapho kwafika khona izwi lenkosi nomthetho wayo, kwaba khona ukulila okukhulu phakathi kwabaJuda, nokuzila ukudla nokukhala ngezinyembezi, nokulila; abaningi balala phansi bembethe izindwangu zamasaka nomlotha.


UJoshuwa waziklebhula izingubo zakhe, wawa ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaJehova kwaze kwahlwa, yena namalunga akwa-Israyeli; bathela uthuli emakhanda abo.


U-Esawu esezwa amazwi kayise wakhala nokukhala kamunyu impela, wathi kuyise: “Ngibusise nami, baba!”


Ngiyakubanika ofakazi bami ababili ukuba baprofethe izinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisithupha bembethe indwangu yamasaka.”


waya naphambi kwesango lenkosi, ngokuba kwakungekho ongangena esangweni lenkosi embethe indwangu yamasaka.


UJakobe wayeseklebhula izingubo zakhe, wafaka indwangu yamasaka okhalweni lwakhe, walilela indodana yakhe izinsuku eziningi.


Kwathi inkosi uHezekiya ikuzwile lokho, yaklebhula izingubo zayo, yazembesa indwangu yamasaka, yangena endlini kaJehova.


Yathuma u-Eliyakimi owayephezu kwendlu, noShebina umbhali, namalunga abapristi, bembeswe izindwangu zamasaka, ku-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose.


“ ‘Uyinikele ukuphucuzwa ukuba ibanjwe ngesandla; yebo, isiloliwe inkemba, isiphucuziwe ukuba inikelwe esandleni sombulali.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite