Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 3:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UHamani wathi enkosini u-Ahashiveroshi: “Kukhona isizwe esithile esihlakazekile, sisakazekile phakathi kwabantu bezifunda zonke zombuso wakho; nemithetho yaso yahlukene neyezizwe zonke; futhi asigcini imithetho yenkosi; ngalokho akufanele ukuba inkosi isiyeke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 UHamani wayesethi enkosini u-Ahasheveroshi: “Kukhona isizwe esithile esihlakazakele kuzo zonke izifundazwe zombuso wakho, sinemithetho eyehlukile kweyezizwe zonke. Siyishaya indiva imithetho yombuso wakho. Akulungile ukuba inkosi isiyeke siqhubeke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 UHamani wayesethi enkosini u-Ahashiveroshi: “Kukhona abantu abathile abahlakazekile, abahlakazekile phakathi kwabantu ezifundeni zonke zombuso wakho; nemithetho yabo ihlukile kubantu bonke; futhi abayigcini imithetho yenkosi; ngakho akusizi inkosi ukuyithwala.

Gade chapit la Kopi




Esteri 3:8
25 Referans Kwoze  

UJehova uyakunihlakazela ezizweni, nisale niyingcosana phakathi kwabezizwe, lapho uJehova eyakuniholela khona.


Nina-ke ngiyakunihlakazela ezizweni, ngihoshe inkemba emva kwenu, izwe lakini libe yincithakalo, nemizi yenu ibe yizwekufa.


UJakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Kristu, uyakhonza kuzo izizwe eziyishumi nambili ezihlakazekileyo.


Kepha sithi kufanele sizwe kuwe okucabangayo, ngokuba siyazi ngaleli hlelo ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.”


“Ngokuba le ndoda siyifumene iyishinga ivusa ukwambuka phakathi kwabaJuda ezweni lonke, iyinhloko yehlelo lamaNazaretha,


Ngakho abaJuda bakhuluma bodwa, bathi: “Uzakuya ngaphi lo lapho singayikumthola na? Uyakuya kwabahlakazekileyo kumaGreki, afundise amaGreki, na?


Ngiyakubahlakazela phakathi kwezizwe zonke abangazazanga. Izwe selichithekile emva kwabo, ukuze kungabikho muntu odlulayo nobuyayo, ngokuba benza izwe elihle laba yincithakalo.’ ”


“Thana ngabo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Noma ngibadedisele kude phakathi kwezizwe, ngabahlakazela emazweni, ngaba yindlu engcwele nokho kubo isikhashana emazweni ababehlakazelwe kuwo.’


“ ‘Kepha ngiyakushiya insali, nibe nabayakuphepha enkembeni phakathi kwezizwe, lapho nihlakazeka emazweni.


“U-Israyeli uyimvu ezingelwayo; izingonyama zimxoshile. Kuqala wadliwa yinkosi yase-Asiriya, nangasemuva uNebukadinesari lo, inkosi yaseBabele, ugedlile amathambo akhe.”


“Ake ulikhumbule izwi owayala ngalo inceku yakho uMose ngokuthi: ‘Uma niphambuka, mina ngiyakunihlakazela phakathi kwezizwe;


Bengiyakuthi: “Ngiyakubaphephula, ngiqede inkumbulo yabo kubantu,”


khona uJehova uNkulunkulu wakho uyakubuyisa ukuthunjwa kwakho, akuhawukele, abuye akubuthe ezizweni zonke, lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekuhlakazele khona.


UPetru, umphostoli kaJesu Kristu, kwabayizihambi abahlakazekile ePontu, naseGalathiya, naseKhaphadosiya, nase-Asiya, naseBithiniya,


Uma kukuhle enkosini, makulotshwe ukuba sichithwe; ngiyakukhokhela amatalenta* ayizinkulungwane eziyishumi esiliva ezandleni zabenza umsebenzi wenkosi, ayiswe esikhwameni senkosi.”


UMoridekayi esekwazi konke okwenziweyo, uMoridekayi waziklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu yamasaka nomlotha, waphumela phakathi komuzi, wakhala ngokukhala okukhulu okumunyu;


“Awunakanga yini abakukhulumileyo laba bantu, bethi: ‘Imindeni yomibili ayikhethayo uyilahlile’ na? Base bebadelela abantu bami, baze bangabe besaba yisizwe ngaphambi kwabo.


Ngalokho kwasondela ngaleso sikhathi amadoda amaKaledi, ahleba abaJuda.


Ayesephendula ethi phambi kwenkosi: “UDaniyeli lowo ongowabathunjwa bakwaJuda akakunaki wena nkosi, nesiyalezo osilobileyo, kepha uyacela isicelo sakhe kathathu ngosuku.”


Ngokuba ngisesiqongweni samadwala ngiyambona, ngisemadulini ngiyambuka; bheka, kungabantu abahlala bodwa, abangayikubalwa phakathi kwezizwe.


Ekubuseni kuka-Ahashiveroshi, ekuqaleni kokubusa kwakhe, baloba bamangalela abakhileyo kwaJuda naseJerusalema.


Lapho inkosi isizwile lawa mazwi, yadabuka kakhulu, yayibeka inhliziyo yayo kuDaniyeli ukuba imkhulule, yazama ukumophula kwaze kwaba sekushoneni kwelanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite