Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 3:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Izincwadi zathunywa ngesandla sezigijimi ezifundeni zonke zenkosi ukuba kuchithwe, kubulawe, kubhujiswe abaJuda bonke, abasha nabadala, izingane nabesifazane, ngalusuku lunye, ngolweshumi nantathu lwenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari, impahla yabo ibe yimpango.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Lezo zincwadi zanikwa izigijimi, zathunyelwa kuzo zonke izifundazwe zenkosi. Umyalelo wawuthi kumele kubulawe bonke abaJuda, abancane nabadala, nezinsana nabesifazane, ngalusuku lunye okwakungolwe-13, ngenyanga ye-12, inyanga u-Adari, nempahla yabo ibe yimpango.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Izincwadi zathunyelwa kuzo zonke izifunda zenkosi ukuba kubhujiswe, kubulawe futhi kubhujiswe wonke amaJuda, abasha nabadala, izingane nabesifazane, ngalusuku lunye, ngosuku lweshumi nantathu lweshumi nambili. Inyanga, leyo yinyanga ka-Adari, nokuphanga impango yabo.

Gade chapit la Kopi




Esteri 3:13
14 Referans Kwoze  

amadodana ayishumi kaHamani indodana kaHamedatha, isitha sabaJuda, kepha ababekanga izandla zabo empangweni.


Zase zihamba izigijimi nezincwadi eziphuma esandleni senkosi nasezikhulwini zayo, zaya kuye wonke u-Israyeli noJuda ngesiyalezo senkosi sokuthi: “Nina bantwana bakwa-Israyeli, buyelani kuJehova uNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka noka-Israyeli ukuba abuyele kuyo insali yenu yabasindileyo esandleni samakhosi ase-Asiriya.


Hamba manje, unqobe u-Amaleki, uchithe impela konke anakho, ungamhawukeli, kepha bulala abesilisa, nabesifazane, nezingane, nabancelayo, nezinkabi, nezimvu, namakamela, nezimbongolo.’ ”


Ngokuba ukwahlulelwa okungenasihawu kuyakumehlela ongenzi isihawu; isihawu sizigabisa ekwahlulelweni.


izinyawo zabo zishesha ukuchitha igazi,


Isigijimi siyagijma, sihlangane nesinye, umbiki uhlangana nombiki ukutshela inkosi yaseBabele ukuthi umuzi wayo unqotshiwe nxazonke.


Ngiyalithuma esizweni esingenaNkulunkulu, ngiliyaleze ngabantu bentukuthelo yami ukuba liphange impango, liqhwage, libenze okunyathelwayo njengodaka lwasezitaladini.


“Imihla yami iyashesha kunesigijimi; iyabaleka ingabonanga okuhle.


ngokuba kuthengisiwe ngathi, mina nesizwe sakithi, ukuba sichithwe, sibulawe, sibhubhe. Uma bekuthengisiwe ngathi sibe yizigqila nezigqilakazi kuphela, ngabe ngithulile, ngokuba usizi lwethu alwanele ukuba sisinde inkosi.”


INobi, umuzi wabapristi, walichitha ngosiko lwenkemba, abesilisa nabesifazane, izingane nabancelayo, izinkabi nezimbongolo nezimvu, ngosiko lwenkemba.


Wathi: “Uma kukuhle enkosini, noma ngifumene umusa phambi kwayo, noma le nto ilungile phambi kwenkosi, uma ngithandeka emehlweni ayo, makulotshwe ukuba zibuyiswe izincwadi zamacebo kaHamani indodana kaHamedatha umAgagi azilobayo ukuba bachithwe abaJuda abasezifundeni zenkosi;


Ngenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari ngosuku lweshumi nantathu lwayo, lapho kusondela izwi lenkosi nomthetho wayo ukuba kwenziwe, ngosuku izitha zabaJuda ezazethembile ngalo ukubusa phezu kwabo nokho kwaguqulwa ukuze abaJuda babuse phezu kwababazondayo.


AbaJuda baceka zonke izitha zabo ngokuceka kwenkemba, nangokubulala, nangokuchitha, benza kwababazondayo njengokuthanda kwabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite