Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 3:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Emva kwalezo zinto inkosi, u-Ahashiveroshi, yamenza mkhulu uHamani indodana kaHamedatha umAgagi, yamphakamisa, yamisa isihlalo sakhe phezu kwazo zonke izikhulu ezazinayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Emveni kwalezo zinto, inkosi u-Ahasheveroshi yaqokela esikhundleni esiphezulu uHamani, indodana kaHamedatha, umAgagi, yamenza umengameli wazo zonke izikhulu ezikanye naye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Emva kwalokho inkosi u-Ahashiveroshi yamphakamisa uHamani indodana kaHamedatha umAgagi, yamphakamisa, yabeka isihlalo sakhe phezu kwezikhulu zonke ezazinaye.

Gade chapit la Kopi




Esteri 3:1
15 Referans Kwoze  

Amanzi ayakugobhoza, aphume ezimbizeni zakhe, imbewu yakhe ibe semanzini amaningi, inkosi yakhe ibe nkulu kuno-Agagi, umbuso wakhe uphakame.


Phezu kwazo wamisa abongameli abathathu, uDaniyeli engomunye wabo, ukuba izikhulu zibike kubo, ukuze inkosi ingalimali ngalutho.


UHamani wabalandisa udumo lwengcebo yakhe, nobuningi babantwana bakhe, nakho konke inkosi emkhulisile kukho, nalokho emphakamisile kukho phezu kwezikhulu nezinceku zenkosi.


Inkosi yakhumula indandatho yayo esandleni sayo, yayinika uHamani indodana kaHamedatha umAgagi isitha sabaJuda.


USamuweli wathi: “Njengalokho inkemba yakho ibaphucile abesifazane abantwana, kanjalo unyoko uyakwaphucwa abantwana kunabanye.” USamuweli wayesehlahlela u-Agagi phambi kukaJehova eGiligali.


Wena uzakuba phezu kwendlu yami; ngezwi lakho bayakuhlelwa bonke abantu bami; esihlalweni sobukhosi kuphela ngiyakuba mkhulu kunawe.”


Abantu bayathokoza ngokwanda kwabalungileyo, kepha ngokubusa kwababi abantu bayabubula.


Abangamesabi uNkulunkulu bayashanguza nxazonke, lapho amanyala ephakeme kubantwana babantu.


U-Esteri waqhubeka wakhuluma phambi kwenkosi, wawa ngasezinyaweni zayo, wakhala, wayinxusa ukuba ibususe ububi bukaHamani umAgagi necebo lakhe ayelicebe ngabaJuda.


U-Esteri wathi: “Ngumuntu omelene nathi, oyisitha, uHamani lo omubi.” UHamani wayeseshaywa luvalo phambi kwenkosi nenkosikazi.


ababe seduze naye kwakungoKarishena, noShethari, no-Adimatha, noTharishishi, noMeresi, noMarisena, noMemukhani, izikhulu eziyisikhombisa zasePheresiya naseMediya ezaziphambi kobuso benkosi, zihlala emqoka embusweni


njengokuba uthunyiwe yinkosi nabeluleki bayo abayisikhombisa ukubuza ngelakwaJuda neJerusalema njengokomthetho kaNkulunkulu wakho osesandleni sakho,


Wabamba u-Agagi inkosi yama-Amaleki esaphilile, wachitha impela bonke abantu ngosiko lwenkemba.


Kwathi selilambile izwe lonke laseGibithe, abantu bakhala kuFaro ngokudla; uFaro wathi kubo bonke abaseGibithe: “Yanini kuJosefa; lokho anitshela khona, nikwenze.”


ubuwula bubekwa ezindaweni eziningi eziphakemeyo, kepha abacebileyo bahlala kweziphansi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite