Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 2:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Lapho indaba iphenywa, kufunyanwa ukuthi injalo, zaphanyekwa zombili emthini; kwalotshwa encwadini yezindaba zemihla ngemihla phambi kwenkosi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Lwaphenywa lolo daba kwatholakala ukuthi luyiqiniso, ngakho-ke laba bathenwa ababili balengiswa esiphanyekweni. Le ndaba yabhalwa phansi emilandweni yenkosi phambi kwayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Lapho indaba isiphenyisiswa, yafunyanwa; baphanyekwa bobabili emthini, kwalotshwa encwadini yezindaba zemihla ngemihla phambi kwenkosi.

Gade chapit la Kopi




Esteri 2:23
11 Referans Kwoze  

Zonke izenzo zegunya lakhe namandla akhe, nayo yonke indaba yobukhulu bukaMoridekayi inkosi eyayimkhulisela kubo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi aseMediya nasePheresiya na?


kepha wayiphanyeka induna yabaphekizinkwa, njengalokho ebebachazele uJosefa.


zingakadluli izinsuku ezintathu, uFaro uzakuphakamisa ikhanda lakho, alisuse kuwe, akuphanyeke emthini; izinyoni ziyakudla inyama yakho, ziyisuse kuwe.”


Khona abamesabayo uJehova bakhuluma bodwa omunye nomunye; uJehova waqaphela, wezwa, kwalotshwa phambi kwakhe incwadi yokukhumbula ababemesaba uJehova, bezindla ngegama lakhe.


Base bemphanyeka-ke uHamani emthini ayewulungisele uMoridekayi. Yayisibohla intukuthelo yenkosi.


Wayesethi uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe kuye: “Yenza umuthi, ukuphakama kwawo kube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu, ukhulume ekuseni enkosini ukuba uMoridekayi aphanyekwe kuwo, besewungena ngokuthokoza kanye nenkosi edilini.” Laba lihle lelo zwi kuHamani, wenza umuthi.


Inkosi yase-Ayi wayiphanyeka emthini kwaze kwahlwa; ukushona kwelanga uJoshuwa wabayala ukuba behlise isidumbu sayo emthini, basintshinga ngasesikhaleni sesango lomuzi, wamisa phezu kwaso inqwaba enkulu yamatshe ekhona nanamuhla.


Ngalobo busuku ubuthongo babaleka enkosini, yayala ukuba kulethwe incwadi yezikhumbuzo zezindaba zemihla ngemihla, zafundwa phambi kwenkosi.


ukuba kucingwe encwadini yezindaba yawoyihlo; uyakufumana encwadini yezindaba, wazi ukuthi lo muzi ungumuzi ohlubukayo, olimaza amakhosi namazwe, nokuthi benzile ukwambuka phakathi kwawo kwasendulo; ngalokho lo muzi wachithwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite