Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 2:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Inkosi yamthanda u-Esteri phezu kwabo bonke abesifazane, wafumana umusa nesihe emehlweni ayo kunazo zonke izintombi, wamfaka umqhele wobukhosi, wamenza inkosikazi esikhundleni sikaVashiti.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Inkosi yamthanda kakhulu ukwedlula bonke abesifazane; wafumana umusa emehlweni ayo, yamphatha kahle ukuzedlula zonke izintombi. Yamethwesa umqhele wobukhosi yamenza indlovukazi esikhundleni sikaVashithi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Inkosi yamthanda u-Esteri ngaphezu kwabo bonke abesifazane, wathola umusa nesihe emehlweni ayo ngaphezu kwazo zonke izintombi; wayesemthwesa umqhele wobukhosi, wamenza indlovukazi esikhundleni sikaVashiti.

Gade chapit la Kopi




Esteri 2:17
10 Referans Kwoze  

Yonke imithi yasendle iyakwazi ukuthi mina Jehova ngiwisile umuthi omude, ngiphakamisile umuthi omfushane; ngomisile umuthi oluhlaza, ngihlumisile umuthi owomileyo. “ ‘Mina Jehova ngikukhulumile, ngakwenza.’ ”


Ngokuba uma uthula nokuthula ngalesi sikhathi, ukukhululwa nokophulwa kwabaJuda kuyakuvela kwenye indawo, wena nendlu kayihlo nibhubhe. Ngubani okwaziyo, uma ungafikanga embusweni ngenxa yesikhathi esinjengalesi na?”


ukuba zimlethe uVashiti inkosikazi phambi kwenkosi, abe nomqhele wobukhosi ukuba abonise abantu nezikhulu ubuhle bakhe, ngokuba wayebukeka kahle.


Uyamvusa ompofu othulini, uyaphakamisa impabanga ezaleni, abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi, ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova; ubekile izwe phezu kwazo.


U-Esteri wayeseyiswa enkosini u-Ahashiveroshi endlini yakhe yobukhosi ngenyanga yeshumi, eyinyanga kaThebeti, ngomnyaka wesikhombisa wokubusa kwayo.


makalethelwe isambatho sobukhosi ekade isembethe inkosi, kanye nehhashi inkosi ekade ikhwela kulo nelifakwe enhloko yalo umqhele wobukhosi;


Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi; uyayiphendulela lapho ethanda khona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite