Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 2:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Lapho kufika isikhathi sezintombi ngezintombi sokuba zingene enkosini u-Ahashiveroshi emva kokuba kwenziwe kuzo njengomthetho wabesifazane izinyanga eziyishumi nambili ngokuba zagcwaliswa kanjalo izinsuku zokuqholwa kwazo, izinyanga eziyisithupha ngamafutha emure* nezinyanga eziyisithupha ngamakha nangezinto zokuqhola abesifazane

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Ukucolwa kwabesifazane kwakuvamise ukuthatha isikhathi esingunyaka. Izinyanga eziyisithupha zokuqala, owesifazane wayegcotshwa ngamafutha emure, kuthi ngezilandelayo aqholwe ngamafutha ebhalisamu. Uma sekwenziwe lokho, intombi ngayinye yayithathwa ingeniswe enkosini u-Ahasheveroshi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Lapho incekukazi ngayinye ingena ngokudedelana ukungena enkosini u-Ahashiveroshi, isinezinyanga eziyishumi nambili njengomthetho wabesifazane, ngokuba zaphelela kanjalo izinsuku zokuhlanjululwa kwabo, izinyanga eziyisithupha ngamafutha emure, nezinyanga eziyisithupha. Ngephunga elimnandi, nezinye izinto zokuhlanzwa kwabesifazane;

Gade chapit la Kopi




Esteri 2:12
10 Referans Kwoze  

Waya kuMoloki uphethe amafutha, wawandisa amakha akho; wathumela kude izithunywa zakho, wazehlisela nasendaweni yabafileyo.


Ngifafazile umbhede wami ngemure,* nangomhlaba, nangokinamona.*


Ngubani owenyuka ehlane njengezinsika zomusi, eqhole ngemure* nangenhlaka, nangawo onke amakha omthengi, na?


inkosi imise ababonisi ezifundeni zonke zombuso wakho ukuba babuthele ndawonye zonke izintombi ezibukekayo eShushani endlini yenkosi endlini yabesifazane phansi kwesandla sikaHegayi induna yenkosi, umgcini wabesifazane, zinikwe izinto zazo zokuqhola.


Intombi yayiyinhle emehlweni akhe, yafumana umusa kuye; washesha wayinika izinto zokuqhola, nezabelo zayo, nezintombi eziyisikhombisa ezazikhethelwe yona zivela endlini yenkosi, wayiyisa yona nezintombi zayo endaweni enhle yendlu yabesifazane.


UMoridekayi wayehamba zonke izinsuku phambi kwegceke lendlu yabesifazane ukuba azi impilo ka-Esteri nokuthi kwenziwe njani kuye.


intombi yangena ngaleyo ndlela enkosini, nakho konke eyakushoyo yakunikwa ukuba iphume nakho endlini yabesifazane, iye endlini yenkosi.


Kuyakuthi esikhundleni samakha kube ngukubola, nasesikhundleni sebhande* igoda, nasesikhundleni sezinwele ezilungisiweyo impandla, nasesikhundleni sesidiya isibhamba sendwangu yamasaka, nasesikhundleni sobuhle isishada.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite