Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 1:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 lapho iyibonakalisa ingcebo yombuso wayo odumileyo, nobukhosi nobuhle bobukhulu bayo izinsuku eziningi, izinsuku eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Izinsuku eziningi ezaba yi-180, yayibukisa ngomcebo wayo, nodumo lombuso wayo, nobukhazikhazi nangengcebo yobukhulu bayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Lapho ebonisa ingcebo yobukhosi bakhe nodumo lobukhosi bakhe obumangalisayo izinsuku eziningi, izinsuku eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili.

Gade chapit la Kopi




Esteri 1:4
25 Referans Kwoze  

Zihlobise ngobukhosi nangokuphakama, wembathe udumo nenkazimulo.


“Ufanele wena Nkosi yethu noNkulunkulu wethu ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba nguwena owadala izinto zonke, nangenxa yentando yakho zaba khona, zadalwa.”


okubona uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yaleyo mfihlakalo phakathi kwabezizwe, enguKristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo;


ekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu, nize nazi okuyithemba lobizo lwakhe nokuyingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele,


ukuba abonakalise ingcebo yenkazimulo yakhe ezitsheni zomusa ayezilungisele inkazimulo ngaphambili,


ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’


USathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo;


“E nkosi, uNkulunkulu oPhezukonke wanika uNebukadinesari uyihlo umbuso, nobukhulu, nodumo, nobukhosi;


Ngasona leso sikhathi wabuyela kimi umqondo wami, nobukhosi bami nokucwebezela kwami kwabuyela kimi, kwaba ludumo lombuso wami; abomkhandlu bami nezinduna zami bangifuna; ngase ngibekwa embusweni wami, ngenezelwa ubukhulu obudluleleyo.


Inkosi yathatha yathi: “Angithi yileli Babele elikhulu engilakhile libe yindlu yobukhosi ngezikhwepha zamandla ami, libe ludumo lobukhosi bami, na?”


ngokuhlakanipha kwakho okukhulu kokuthenga wandisile imfuyo yakho; inhliziyo yakho iziphakamisile ngenxa yengcebo yakho.


UHezekiya wathokoza ngabo, wababonisa indlu yengcebo yakhe, isiliva, negolide, namakha, namafutha amahle, nayo yonke indlu yezikhali zakhe, nakho konke okwafunyanwa engcebeni yakhe; akubangakho nto endlini yakhe nasembusweni wakhe wonke uHezekiya angababonisanga yona.


Ngiyakuzindla ngenkazimulo nodumo lobukhosi bakho nangezimangaliso zakho.


UJehova uyinkosi, wembethe ubukhosi; uJehova wembethe, ubhince amandla. Nezwe limi liqinile, lingazanyazanyiswa.


Bophela inkemba yakho okhalweni lwakho wena qhawe, kube ngukuphakama kwakho nobukhosi bakho.


Inkulu inkazimulo yayo ngenxa yensindiso yakho; udumo nobukhosi ukubeka phezu kwayo.


UJehova wamkhulisa uSolomoni kakhulu emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli, wamnika udumo lobukhosi olungazange lube khona nakuyiphi inkosi yakwa-Israyeli phambi kwakhe.


ngomnyaka wesithathu wokubusa kwayo, yenzela izikhulu zayo zonke nezinceku zayo idili, amaqhawe asePheresiya naseMediya, nabakhulu nezikhulu zezifunda bephambi kwayo,


Seziphelile lezo zinsuku, inkosi yenzela abantu bonke ababe khona eShushani endlini yenkosi, abakhulu nabancane, idili izinsuku eziyisikhombisa egcekeni lensimu yendlu yenkosi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite