Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 1:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 “Uma kukuhle enkosini, makuphume izwi lobukhosi, lilotshwe phakathi kwemithetho yamaPheresiya namaMede, lingalahlwa, lokuba uVashiti angabe esangena phambi kwenkosi u-Ahashiveroshi, inkosi inike omunye omuhle kunaye ubukhosikazi bakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Uma kukuhle kuwe nkosi, mawukhiphe isimemezelo sasebukhosini, sibhalwe emthethweni ukuthi uVashiti uyamenqabela ukuba aphinde angene lapho inkosi ikhona, kube wumthetho wamaPheresiya namaMediya ongaguquki, bese inkosi ithatha enye indlovukazi engcono kunaye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Uma kukuhle enkosini, makwehle umthetho wobukhosi kuyo, ulotshwe emithethweni yamaPheresiya namaMede, ukuze kungashintshwa ukuthi uVashiti angabe esafika phambi kwenkosi u-Ahashiveroshi; inkosi mayinike omunye ongcono kunaye impahla yakhe yobukhosi.

Gade chapit la Kopi




Esteri 1:19
10 Referans Kwoze  

Kepha lobani nani ngabaJuda njengokuhle emehlweni enu egameni lenkosi, nikunamathelise ngendandatho yenkosi, ngokuba umbhalo obhalwe egameni lenkosi wanamatheliswa ngendandatho yenkosi awunakubuyiswa muntu.”


USamuweli wathi kuye: “UJehova uklebhulile umbuso ka-Israyeli kuwe namuhla, uwunikile umngane wakho omuhle kunawe.


Wathi: “Uma kukuhle enkosini, noma ngifumene umusa phambi kwayo, noma le nto ilungile phambi kwenkosi, uma ngithandeka emehlweni ayo, makulotshwe ukuba zibuyiswe izincwadi zamacebo kaHamani indodana kaHamedatha umAgagi azilobayo ukuba bachithwe abaJuda abasezifundeni zenkosi;


Kwase kulethwa itshe, labekwa emlonyeni womphandu, inkosi yalinamathelisa ngendandatho yayo nangendandatho yizikhulu zayo, ukuze kungaguqulwa lutho maqondana noDaniyeli.


Uma kukuhle enkosini, makulotshwe ukuba sichithwe; ngiyakukhokhela amatalenta* ayizinkulungwane eziyishumi esiliva ezandleni zabenza umsebenzi wenkosi, ayiswe esikhwameni senkosi.”


U-Israyeli wonke wezwa leso sahlulelo esenziwe yinkosi; bayesaba inkosi, ngokuba babona ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwakukuyo ekwahluleleni kwayo.


Laba lihle lelo zwi emehlweni enkosi nasezikhulwini; yenza-ke inkosi njengezwi likaMemukhani;


Namuhla amakhosikazi asePheresiya naseMediya ayizwile le ndaba yenkosikazi ayakukusho ezikhulwini zenkosi, kube ngukudelela nentukuthelo enkulu.


Emva kwalokho lapho ulaka lwenkosi u-Ahashiveroshi selubohlile, yamkhumbula uVashiti nalokho akwenzileyo, nalokho okumenyezelwe ngaye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite