Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJuda 1:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kepha uMikayeli, ingelosi enkulu, lapho ephikisana noSathane, ekhulumisana naye ngesidumbu sikaMose, akabanga nasibindi sokuletha ukwahlulela kokuhlambalaza, kodwa wathi: “INkosi mayikujezise.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Kepha lapho uMikhayeli, ingelosi enkulu ephikisana nosathane, bebanga isidumbu sikaMose, akalokothanga wakhuluma okubi ngaye, kodwa wathi: “INkosi mayikusole.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Kepha uMikayeli, ingelosi enkulu, lapho ebambene noSathane bephikisana ngesidumbu sikaMose, akabanga nasibindi sokumbeka icala lokuthuka, kodwa wathi: “INkosi mayikukhuze.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kepha uMikayeli, ingelosi enkulu, lapho ebambene noSathane bephikisana ngesidumbu sikaMose, akabanga nasibindi sokumbeka icala lokuthuka, kodwa wathi: “INkosi mayikukhuze.

Gade chapit la Kopi




EkaJuda 1:9
16 Referans Kwoze  

UJehova wathi kuSathane: “UJehova uyakukukhuza, Sathane, yebo, uJehova olikhethile iJerusalema uyakukukhuza; lo akasiso isikhuni esophulwe emlilweni na?”


kanti izingelosi, nokuba zizinkulu ngobuqhwaga namandla, azibamangaleli ngenhlamba phambi kweNkosi.


Kwase kuba khona ukulwa ezulwini; uMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako*. Nodrako walwa enezingelosi zakhe,


“Ngaleso sikhathi uMikayeli uyakuvela, isikhulu esigqamileyo esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi; ngaleso sikhathi abantu bakho bayakukhululwa, bonke abafunyanwa belotshiwe encwadini.


Wammbela esigodini sasezweni lakwaMowabi malungana neBeti Peyori, kepha akukho muntu olaziyo ithuna lakhe kuze kube namuhla.


Kepha ngiyakutshela okulotshwe embhalweni weqiniso. Akakho noyedwa ozihlanganisa nami ukulwa nalaba ngaphandle kukaMikayeli, isikhulu senu.


Kepha isikhulu sasembusweni wasePheresiya samelana nami izinsuku ezingamashumi amabili nanye, kepha bheka, uMikayeli, omunye wezikhulu zokuqala, weza ukungisiza, noma kade ngishiyiwe ngedwa khona namakhosi asePheresiya.


ningaphindisi okubi ngokubi nokuthuka ngokuthuka, kepha kakhulu manibusise, ngokuba nabizelwa lokho ukuba nidle ifa lokubusiswa.


ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala,


Abadlulayo bamhlambalaza benikina amakhanda abo, bathi: “Eya wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu;


“Awuyikuthuka uNkulunkulu, ungaqalekisi induna yabantu bakini.


UDavide waphuma ukubahlangabeza, wathatha, wathi kubo: “Uma nize nokuthula kimi ukungisiza, inhliziyo yami iyakuba nye nani, kepha uma kungukungikhohlisa ezitheni zami, lokhu kungekho okubi ezandleni zami, uNkulunkulu wawobaba makakubheke, akujezise.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite