Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJuda 1:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 U-Enoke ongowesikhombisa kusukela ku-Adamu waprofetha ngabo, wathi: “Bheka, iNkosi iyakufika nabangcwele bayo abayizigidigidi,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 U-Enokhi, owayengowesikhombisa kusukela ku-Adamu, waphrofetha ngalaba, wathi: “Uyabona, iNkosi iyeza nezindimbane zabangcwele bayo,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Naye u-Enoke, owesikhombisa kusukela ku-Adamu, waprofetha ngalaba, wathi: “Bheka, iNkosi iyeza nezinkulungwane eziyishumi zabangcwele bayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Naye u-Enoke, owesikhombisa kusukela ku-Adamu, waprofetha ngalaba, wathi: “Bheka, iNkosi iyeza nezinkulungwane eziyishumi zabangcwele bayo.

Gade chapit la Kopi




EkaJuda 1:14
18 Referans Kwoze  

“UJehova wavela eSinayi, wabaphumela evela eSeyiri, wanyampuza entabeni yasePharanu, weza ephuma ezigidini zendawo engcwele; ngakwesokunene sakhe kwavutha umlilo.


ukuze iqinise izinhliziyo zenu, zingabi nakusoleka ebungcweleni phambi kukaNkulunkulu noBaba wethu ekufikeni kweNkosi yethu uJesu kanye nabangcwele bakhe bonke.


Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.


“Kepha nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo;


Niyakubalekela esigodini sezintaba zami, ngokuba isigodi sezintaba siyakufinyelela e-Aseli, yebo, niyakubaleka njengalokho nabalekela ukuzamazama komhlaba ngezinsuku zika-Uziya inkosi yakwaJuda; lapho kuzakufika uJehova uNkulunkulu wami nabo bonke abangcwele kanye nawe.


UJarede wahamba iminyaka eyikhulu namashumi ayisithupha namabili, wazala u-Enoke.


Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.


Ngokuba bhekani, uJehova uyaphuma endaweni yakhe ukuba ahambele ububi babakhileyo emhlabeni; umhlaba uyakubonakalisa igazi lawo, ungabe usabasibekela ababuleweyo babo.


kodwa nize entabeni yaseSiyoni nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, nasezigidigidini zezingelosi,


Ngase ngibona, ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqe isihlalo sobukhosi, nezidalwa, namalunga, nomumo wazo wawuyizigidi zezigidi nezinkulungwane zezinkulungwane,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite