Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJakobe 5:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Bekezelani nani, niqinise izinhliziyo zenu, ngokuba ukufika kweNkosi kusondele.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Nani-ke bekezelani, niqinise izinhliziyo zenu, ngokuba ukubuya kweNkosi sekusondele.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Bekezelani nani; niqinise izinhliziyo zenu, ngokuba ukufika kweNkosi kusondele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Bekezelani nani; niqinise izinhliziyo zenu, ngokuba ukufika kweNkosi kusondele.

Gade chapit la Kopi




EkaJakobe 5:8
24 Referans Kwoze  

Ningavungamelani, bazalwane, ukuba ningahlulelwa; bhekani, umahluleli umi ngaseminyango.


Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka,


Thula phambi kukaJehova, ulindele yena; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu osongoza amacebo amabi.


Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele. Ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke;


Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze.


Lindela uJehova, uqine, inhliziyo yakho ime isibindi; yebo, lindela uJehova.


Ofakaza ngalezi zinto uthi: “Yebo, ngiyeza masinyane.” Amen. Woza, Nkosi Jesu!


ukuze iqinise izinhliziyo zenu, zingabi nakusoleka ebungcweleni phambi kukaNkulunkulu noBaba wethu ekufikeni kweNkosi yethu uJesu kanye nabangcwele bakhe bonke.


Kepha mina ngiyakumbheka uJehova; ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami; uNkulunkulu wami uyakungizwa.


Kepha iNkosi mayiqondise izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kukaKristu.


Kodwa uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela.


Ngiyalindela uJehova, umphefumulo wami uyalinda; ngiyalethemba izwi lakhe.


nilindele iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, uJesu osihlangulisa olakeni oluzayo.


Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiweyo; uphuthuma ekupheleni, awuyikukhohlisa; noma ulibala, wulindele, ngokuba uyakufika nokufika, awuyikwephuza.


“Ngiyihalele insindiso yakho, Jehova.


Isikhathi sesifikile, usuku lusondele; umthengi makangathokozi, nomthengisi makangalili, ngokuba ukufutheka kuphezu kwaso sonke isixuku sabo.


Ngokukhuthazela kwenu niyakuzuza imiphefumulo yenu.


UJesu wathi kuye: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na? Wena landela mina.”


Ngokuba liyini ithemba lethu, nokuthokoza, nomqhele wokuzibonga phambi kweNkosi yethu uJesu Kristu ekufikeni kwakhe, kungeyinina na?


igolide lenu nesiliva kugwalile, nokugwala kwakho kuyakuba ngufakazi ngakini, kudle inyama yenu njengomlilo. Niqongelele ingcebo ezinsukwini zokuphela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite