Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJakobe 5:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 igolide lenu nesiliva kugwalile, nokugwala kwakho kuyakuba ngufakazi ngakini, kudle inyama yenu njengomlilo. Niqongelele ingcebo ezinsukwini zokuphela.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Igolide lenu nesiliva kugqwalile, nokugqwala kwakho kuzakuba ngubufakazi obumelene nani, kuyakudla inyama yenu njengomlilo. Niqongelele ingcebo ngezinsuku zokugcina.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Igolide lenu nesiliva kugqwalile; nokugqwala kwazo kuyakuba ngufakazi ngani, kudle inyama yenu njengomlilo. Niqongelele ingcebo ngezinsuku zokugcina.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Igolide lenu nesiliva kugqwalile; nokugqwala kwazo kuyakuba ngufakazi ngani, kudle inyama yenu njengomlilo. Niqongelele ingcebo ngezinsuku zokugcina.

Gade chapit la Kopi




EkaJakobe 5:3
19 Referans Kwoze  

Kepha ngobulukhuni bakho nangenhliziyo engaphendukiyo uzibekelela ulaka ngosuku lolaka nolokwambulwa kokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”


Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.


Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma, nezizwe zonke ziyakugobhozela khona.


nazi kuqala lokhu ukuthi ngezinsuku zokugcina kuyakufika abahleki abahleka usulu, behamba ngezinkanuko zabo,


nezwi labo liyakubhibha njengesilonda esibhucukayo, abaphakathi kwabo ngoHimenewu noFiletu


Kepha kuyakuthi ngezinsuku ezizayo intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma, nabantu bayakugobhozela khona.


enidla inyama yabantu bami, nihlinza kubo isikhumba sabo, naphula amathambo abo, yebo, nibaqoba njengokwasekhanzini nanjengenyama phakathi kwebhodwe.”


Ngiyakubadlisa inyama yamadodana abo neyamadodakazi abo, badle, kube yilowo nalowo inyama yomngane wakhe, ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakubaxina ngakho izitha zabo nabafuna ukuphila kwabo.’


Ungicindezele, kungubufakazi; ukonda kwami kuyangivukela, kufakaze ebusweni bami.


Wayesethi uJoshuwa kubo abantu bonke: “Bhekani, leli tshe liyakuba ngufakazi ngathi, ngokuba lizwile onke amazwi kaJehova awakhuluma kithi; ngalokho liyakuba ngufakazi ngani, funa nimphike uNkulunkulu wenu.”


UJakobe wabiza amadodana akhe, wathi: “Buthanani, nginitshele okuzakunehlela ezinsukwini ezizayo.


le nqwaba ayibe ngufakazi, nensika ibe ngufakazi ukuthi angiyikudlula kule nqwaba, ngiye kuwe, nokuthi wena awuyikudlula kule nqwaba nakule nsika, uze kimi, ngokubi.


Izimpondo eziyishumi owazibonayo, nesilo, lezi ziyakusizonda isifebe, zisenze incithakalo, sibe yize, zidle inyama yaso, zisishise ngomlilo, zisiqede;


Wathi uLabani: “Le nqwaba ingufakazi phakathi kwami nawe namuhla.” Ngalokho igama layo laqanjwa ngokuthi iGaledi,


“ ‘Kuyakuthi ezinsukwini zokuphela, kusho uNkulunkulu, ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, izinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite