Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJakobe 5:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Minani nina bacebileyo; khalani, nilile ngezinhlupheko eziyakunehlela.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Wozani manje nina bacebileyo; khalani, nikhihle isililo ngenxa yezinhlupheko ezizakunehlela.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Hambani manje nina bacebileyo, likhale nikhale ngosizi oluzayo phezu kwenu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Hambani manje nina bacebileyo, likhale nikhale ngosizi oluzayo phezu kwenu.

Gade chapit la Kopi




EkaJakobe 5:1
36 Referans Kwoze  

Owethemba ingcebo yakhe uyakuwa, kepha abalungileyo bayakuhluma njengamaqabunga aluhlaza.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazibongi ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe,


Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka, kepha ukulunga kophula ekufeni.


Ngokuba ilanga liphuma libalele, libunisa utshani, imbali yabo iwele phansi, nobuhle besimo sabo bunyamalale; kanjalo nesicebi siyakudlula ezindleleni zaso.


“Abacebileyo bawo bagcwele ubudlova, nabakhileyo kuwo bakhuluma amanga, nolimi lwabo lunenkohliso emlonyeni wabo.


Nasiliva labo nagolide labo akuyikuba namandla okubophula ngosuku lwentukuthelo lukaJehova, kepha umhlaba wonke uyakudliwa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda, yebo, aqede ngokuzumayo bonke abakhileyo ezweni.”


Klewulani, ngokuba usuku lukaJehova lusondele; njengencithakalo evela kuSomandla luyafika.


Minani nina enithi: “Namuhla noma ngomuso siyakuya kulona noma kulowaya muzi, siqede khona umnyaka, sithengiselane, sizuze,”


Kepha nina namdumaza ompofu. Abacebileyo abanicindezeli yini, abanihuduleli emacaleni na?


“UJeshuruni wayesekhuluphala, wakhaba; usukhuluphele, uzimukile, uchachambile; wayesemshiya uNkulunkulu owamenza, walidelela iDwala lensindiso yakhe.


Jabhani, balimi, nihhewule nina baphathi bezivini ngokolweni nangebhali,* ngokuba isivuno samasimu sichithakele.


Phaphamani, zidakwa, nikhale, nihhewule nonke eniphuza iwayini ukuthi iwayini linqanyulelwe emlonyeni wenu.


“ ‘Unyoko wayeyingonyamakazi enjani phakathi kwezingonyama! Yabuthisa phakathi kwamabhongo, yondla amawundlu ayo.


Ngalokho bhincani izindwangu zamasaka, nikhale, nihewule, ngokuba ulaka oluvuthayo lukaJehova alubuyanga kithi.


Yibani lusizi, nidabuke, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukudabuka, nokujabula kube ngukujabha.


Bhincani, nikhale, bapristi, nihhewule, nina zikhonzi ze-altare; wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka, zikhonzi zikaNkulunkulu wami, ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa kugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.


nakubantu ngesandla sakho, Jehova, abantu baleli zwe abasabelo sabo sikulokhu kuphila, nabasisu sabo usigcwalisa ngengcebo yakho, nabashiyela izingane zabo okusele kubo.


Ezitaladini zabo bayabhinca indwangu yamasaka, nasophahleni lwabo nasezigcawini zabo bayaklewula bonke, bamululeka izinyembezi.


“Ndodana yomuntu, profetha uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Hhewulani, nithi: “Wo ngalolo suku!”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite