Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJakobe 4:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Niyacabanga yini ukuthi umbhalo usho ngeze ukuthi: “Umoya awuhlalisa kithi unxanela ngokomhawu,” na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Nicabanga ukuthi kuyize yini lokhu okushiwo wumbhalo, othi: “Umoya awubeka kithi uwunxanela ngomhawu” na?

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Ingabe nithi umbhalo usho ngeze ukuthi: “UMoya ohlezi kithi uhahela umhawu na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ingabe nithi umbhalo usho ngeze ukuthi: “UMoya ohlezi kithi uhahela umhawu na?

Gade chapit la Kopi




EkaJakobe 4:5
24 Referans Kwoze  

Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo, njengokuba washo uNkulunkulu ukuthi: “Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo; ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.”


Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na?


UMose wathi kubo: “Unomhawu ngenxa yami na? Sengathi bonke abantu bakaJehova bangaba ngabaprofethi, uJehova abeke uMoya wakhe phezu kwabo.”


Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, abangalaleliyo, abadukiswayo, sikhonza izinkanuko nokutamasa okuyizinhlobonhlobo, sihlezi ebubini nangomhawu, sizondekile sizondana.


Ungazikhathazi ngababi, ungabi namhawu ngabenza okungalungile.


UJehova wezwa iphunga elimnandi; uJehova wathi enhliziyweni yakhe: “Angisayikuphinda ngiqalekise umhlaba ngenxa yabantu, ngokuba imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe; angisayikuphinda ngibhubhise konke okuphilayo, njengalokho ngenzile.


Abafowabo baba nomhawu ngaye, kepha uyise wawalonda lawa mazwi.


URaheli esebonile ukuthi wayengamzaleli uJakobe abantwana, uRaheli waba nomhawu ngodadewabo, wathi kuJakobe: “Ngiphe abantwana, funa ngife.”


Wayenemfuyo yezimvu, nemfuyo yezinkomo, nezinceku eziningi; amaFilisti ayenomhawu ngaye.


Kepha uJehova wabona ukuthi ububi bomuntu bukhulu emhlabeni nokuthi zonke izizindlo zemicabango yenhliziyo yakhe zimbi njalo.


Kepha umbhalo, ubona ngaphambili ukuthi uNkulunkulu uzakulungisisa abezizwe ngokukholwa, walishumayela ngaphambili ivangeli ku-Abrahama, wathi: “Izizwe zonke ziyakubusiswa kuwe.”


“Okhokho baba nomhawu ngoJosefa, bathengisa ngaye, wasiwa eGibithe; kodwa uNkulunkulu wayenaye,


Uma wathi bangonkulunkulu bona eleza kubo izwi likaNkulunkulu – nombhalo ungeqiwe –


Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.


Umphefumulo womubi ufisa okubi; umakhelwane wakhe kafumani isisa emehlweni akhe.


Baba nomhawu ngoMose ekamu,* nango-Aroni ongcwele kaJehova.


begcwele konke ukungalungi, nokonakala, nesangabe, nobubi; begcwele umhawu, nokubulala, nokuphikisana, nenkohliso, nobuqili, nokuhleba;


Ngokuba umbhalo uthi kuFaro: “Ngakuphakhamisela khona lokhu ukuba ngibonakalise amandla ami kuwe nokuba igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.”


Umhawu ka-Efrayimi uyakusuka, nabacindezela uJuda bayakunqunywa; u-Efrayimi akayikuba namhawu ngoJuda, noJuda kayikucindezela u-Efrayimi.


Futhi omunye umbhalo uthi: “Bayakumbheka abamgwazileyo.”


Awushongo yini umbhalo ukuthi uKristu uvela enzalweni kaDavide naseBetlehema, emzaneni lapho wayekhona uDavide na?”


uNkulunkulu akasiye umuntu ukuba aqambe amanga, nandodana yomuntu ukuba azisole; ushilo, angayikukwenza, na? Ukhulumile, angayikukuphelelisa, na?


U-Onani wayekwazi ukuthi inzalo ayiyikuba ngeyakhe; kwathi nxa engena kumkamfowabo, wachitha emhlabathini ukuba angamniki umfowabo inzalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite