Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJakobe 4:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ningahlebani, bazalwane. Ohleba umzalwane, noma ahlulele umzalwane wakhe, uhleba umthetho, ahlulele umthetho; kepha uma wahlulela umthetho, awusiye owenza okomthetho kodwa ungumahluleli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Bazalwane, ningakhulumi okubi omunye ngomunye. Okhuluma okubi ngomunye noma ahlulele omunye, ukhuluma okubi ngomthetho futhi wehlulela umthetho. Uma wehlulela umthetho, awusiye owenza okomthetho kodwa ungumehluleli.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Lingakhulumi kubi, bazalwane. Ohlambalaza umzalwane wakhe, ahlulele umzalwane wakhe, ukhuluma kabi ngomthetho, wahlulela umthetho;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Lingakhulumi kubi, bazalwane. Ohlambalaza umzalwane wakhe, ahlulele umzalwane wakhe, ukhuluma kabi ngomthetho, wahlulela umthetho;

Gade chapit la Kopi




EkaJakobe 4:11
24 Referans Kwoze  

Ngakho lahlani ububi bonke, nobuqili bonke, nokuzenzisa, nomhawu, nokuhleba konke;


Ngakho awunakuzilandulela wena muntu, noma ungubani owahlulelayo, ngokuba ngalokho owahlulela ngakho omunye uyazilahla wena, ngokuba wena owahlulelayo uyakwenza khona lokho nawe.


Ningavungamelani, bazalwane, ukuba ningahlulelwa; bhekani, umahluleli umi ngaseminyango.


“Ningahluleli, khona anisoze nahlulelwa; ningalahli, khona anisoze nalahlwa; thethelelani, khona niyakuthethelelwa.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihlakeleyo kobumnyama, iveze obala izizindlo zezinhliziyo; lapho-ke yilowo nalowo uyakuthola ukubongwa kuNkulunkulu.


Umuntu wamanga makangamiswa emhlabeni; ububi mabuzingele umuntu oyisidlwangudlwangu, abhujiswe.


Konke okubabayo, nentukuthelo, nolaka, nomsindo, nokuhlambalaza makususwe kini kanye nakho konke okubi.


Ngokuba nginovalo lokuthi ekufikeni kwami mhlawumbe ngizakunifumana ningenjengalokho engikuthandayo, nami ngifunyanwe yinina nginjengalokho eningakuthandiyo, mhlawumbe kube khona ukuphikisana, nomhawu, nokuthukuthela, nemibango, nenhlebo, nokuceba, nokukhukhumala, neziyaluyalu,


nabangenaluthando, nabahlebi, nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle,


Ngokunjalo nabesifazane mababe nesizotha, abangahlebi, abazithibayo, abathembekayo ezintweni zonke.


Ngakho siyakuthini na? Umthetho uyisono na? Qha nakanye; kepha bengingasazanga isono, uma bekungengomthetho; ngokuba ukufisa bengingakwazanga, uma umthetho ubungashongo ukuthi: “Ungafisi;”


ngokuba akusibo abezwayo umthetho abangabalungile phambi kukaNkulunkulu, kepha abenzayo umthetho yibona abayakulungisiswa.


Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe, kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.


kanjalo nabesifazane abadala baziphathe ngokufanele abangcwele, bangabi ngabahlebi, bangabi yizigqila zewayini eliningi, babe ngabafundisi bokuhle,


Ningadukiswa, bazalwane bami abathandekayo.


Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela;


Kepha uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhalo wokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” nenza kahle;


Ngakho bekezelani, bazalwane, ize ifike iNkosi. Bhekani, umlimi uyalindela isithelo somhlaba esiyigugu, ebekezelela sona, size sithole imvula yokuqala neyamuva.


Bazalwane, misani abaprofethi ababekhuluma egameni leNkosi babe yisibonelo sokuhlupheka nokubekezela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite