Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJakobe 4:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Zivelaphi izimpi, nokulwa kuvelaphi phakathi kwenu na? Akuveli yini lapho ezinkanukweni zenu ezilwayo ezithweni zenu na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Zivelaphi izimpi nokulwa phakathi kwenu na? Akuveli yini ezinkanukweni zenu ezilwayo ezithweni zenu na?

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Zivelaphi izimpi nokulwa phakathi kwenu na? Aziphumi yini lapha ezinkanukweni zenu ezilwa ezithweni zenu na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Zivelaphi izimpi nokulwa phakathi kwenu na? Aziphumi yini lapha ezinkanukweni zenu ezilwa ezithweni zenu na?

Gade chapit la Kopi




EkaJakobe 4:1
24 Referans Kwoze  

Bathandekayo, nginincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo,


Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, kepha uMoya ukhanuka okuphambene nenyama; ngokuba lezi zinto ziyamelana, ukuze ningenzi lokho enikuthandayo.


kepha ngibona omunye umthetho ezithweni zami olwayo nomthetho wengqondo yami, ungithumbela emthethweni wesono osezithweni zami.


Ngokuba ukunaka kwenyama kungubutha kuNkulunkulu; ngokuba akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, yebo, futhi kungekwenze;


Kepha yilowo nalowo uyengwa ehuhwa ngezakhe izinkanuko, ehungwa;


Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi imbi; ngubani ongayazi na?


Njengabantwana abalalelayo ningalingisi izinkanuko zakuqala ekungazini kwenu,


Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe,


nazi kuqala lokhu ukuthi ngezinsuku zokugcina kuyakufika abahleki abahleka usulu, behamba ngezinkanuko zabo,


niyacela, nokho anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikuchithele ezinkanukweni zenu.


Ngokuba bekhuluma udwadwa, amazwi ayize, babayenga ngezinkanuko zenyama nangamanyala labo abasaphephayo abahamba ngokuduka;


Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, abangalaleliyo, abadukiswayo, sikhonza izinkanuko nokutamasa okuyizinhlobonhlobo, sihlezi ebubini nangomhawu, sizondekile sizondana.


kepha gwema imibuzo yobuwula, nezindaba zolibo lokuzalana, nokubanga nokuphikisana ngomthetho; ngokuba lokho akusizi, kuyize.


Ngokuba kwathi sisenyameni, ukuhuheka kwezono okwavela ngomthetho kwasebenza ezithweni zethu ukuthelela ukufa izithelo;


Ngokuba enhliziyweni kuvela izizindlo ezimbi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, ukuhlambalaza.


Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.


Kepha ukuphikisana kobuwula nokokungazi ukunqabe, wazi ukuthi kuzala ukulwa;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite