Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJakobe 3:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngubani ohlakaniphileyo nowaziyo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Ngubani ohlakaniphileyo noqondayo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle ukuthi imisebenzi yakhe yenziwe ngobumnene bokuhlakanipha.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Ngubani phakathi kwenu indoda ehlakaniphileyo njalo enolwazi? Makabonise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngubani phakathi kwenu indoda ehlakaniphileyo njalo enolwazi? Makabonise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha.

Gade chapit la Kopi




EkaJakobe 3:13
46 Referans Kwoze  

nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo.


Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe, andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle; akunakungabaza, akunakuzenzisa.


Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.


Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade,


nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi, ngokubona imisebenzi yenu emihle badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.


bangahlambalazi muntu, bangabi yizilwi, babe ngabavileyo, bebonakalisa ubumnene obukhulu kubantu bonke.


ibalaya ngomoya omnene abamelene nayo, kumbe uNkulunkulu angabanika ukuphenduka, baze balazisise iqiniso,


Kuphela hambani ngokufanele ivangeli likaKristu, kuze kuthi, noma ngiza nginibona noma ngingekho, ngizwe izindaba zenu zokuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye nilwela inkolo yevangeli,


Kepha wena muntu kaNkulunkulu, balekela lezo zinto; jonga ukulunga, nokumesaba uNkulunkulu, nokukholwa, nothando, nokubekezela, nobumnene.


Kepha omunye uyakuthi: “Wena unokukholwa, mina nginemisebenzi,” ngibonise ukukholwa kwakho ngaphandle kwemisebenzi, nami ngizakukukhombisa ukukholwa ngemisebenzi yami.


kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;


Ngakho lahlani yonke insila nokubi okuvamileyo, namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.


Ngubani onjengohlakaniphileyo na? Ngubani owazi ukuchasisela indaba na? Ukuhlakanipha komuntu kuyakhanyisa ubuso bakhe, nobulukhuni bobuso bakhe buyaguqulwa.


Ohlakaniphileyo makaqaphele lokhu; bayakuqonda umusa kaJehova.


Makungabikho muntu odelela ubusha bakho, kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokukholwa, nangokuhlanzeka.


Kepha mina Pawulu uqobo ngiyanincenga ngobumnene nangokuva kukaKristu, mina engithobile phambi kwenu nxa ngikhona, kepha nginesibindi kini nxa ngingekho,


Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo.


Ningabi ngabafundisi abaningi, bazalwane bami, nazi ukuthi siyakwamukeliswa ukwahlulelwa okukhulu.


ngokuthobeka konke nobumnene, ngokubheka kade nokubekezelelana ngothando,


Kepha makube yilowo nalowo ahlole owakhe umsebenzi, yikhona eyakuba nokubongwa ngokungokwakhe yedwa, kungengokomunye,


Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzibheke wena, funa uyengwe nawe.


Ngakho manibonakalise kubo phambi kwamabandla ubufakazi bothando lwenu nokuzincoma kwethu ngani.


uyaguqula izikhathi nezinkathi; uyasusa amakhosi, abeke amakhosi; unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha, nokwazi kwabaqonda ukwazi;


“Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyoni ukuthi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe, imnene, ikhwele embongolweni, yebo, etholeni, inkonyane yesilwane esiboshelwayo.”


Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlaba enisebenzile ukwahlulela kwakhe; funani ukulunga; funani ukuthobeka; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.


Ngubani umuntu ohlakaniphileyo ongakuqonda lokhu, okhulumile kuye umlomo kaJehova, akumemezele, na? Izwe lichithelweni, lasha njengehlane, kungekho odabulayo, na?


UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami, ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa kweziboshwa itilongo,


Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu bakhe; abathobekileyo uyabahlobisa ngensindiso.


Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi lokhu kungukuhlakanipha; ukusuka ebubini kungukuqonda.’ ”


Kodwa lowo muntu uMose wayemnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.


kepha makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.


Ngisho lokhu ukuba nibe namahloni. Kunjalo kanti: akukho namunye phakathi kwenu ohlakaniphileyo onganquma phakathi kwabazalwane bakhe na?


“Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazibongi ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe,


Ubuningi bamakamela buyakukusibekela, amakamela amasha akwaMidiyani nase-Efa; bonke abaseSheba bayakuza, balethe igolide nenhlaka, bamemezele izindumiso zikaJehova.


Ogcina umyalo akayikwazi okubi: nenhliziyo yohlakaniphileyo iyakwazi isikhathi nokwahlulela,


Hlahlameleka ebukhosini bakho, uqhubeke ngenxa yeqiniso nokuthobeka nokulunga; isandla sakho sokunene siyakukufundisa izinto ezesabekayo.


Abathobekileyo ubaholela kokulungileyo, abathobekileyo ubafundisa indlela yakhe.


Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,”


Abathobekileyo bayakwandisa intokozo yabo kuJehova, nabampofu kubantu bayakujabula koNgcwele ka-Israyeli.


kodwa njengowanibizayo engcwele, manibe ngcwele nani ekuhambeni konke,


Ngenxa yabafowethu nabangane bethu ngizakuthi manje: “Makube khona ukuthula kuwe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite