Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJakobe 2:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngokuba ukwahlulelwa okungenasihawu kuyakumehlela ongenzi isihawu; isihawu sizigabisa ekwahlulelweni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Ngokuba ukwehlulela akuyukuba nasihawu kulowo ongabanga nesihe; isihawu siyakunqoba phezu kokwehlulela.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Ngokuba ukwahlulela okungenasihawu uyakuba nomusa; nesihawu siyathokoza ekwahlulelweni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngokuba ukwahlulela okungenasihawu uyakuba nomusa; nesihawu siyathokoza ekwahlulelweni.

Gade chapit la Kopi




EkaJakobe 2:13
26 Referans Kwoze  

Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa.


Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu.


Ovala indlebe yakhe ngokukhala kompofu naye uyakukhala angaphendulwa.


“Ningahluleli, khona anisoze nahlulelwa; ningalahli, khona anisoze nalahlwa; thethelelani, khona niyakuthethelelwa.


Kothembekileyo uyazibonakalisa uthembekile; kumuntu oqotho uzibonakalisa uqotho;


Ngubani onguNkulunkulu onjengawe othethelela insali yefa lakho ububi bayo, uyiyekele isiphambeko sayo, na? Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade, ngokuba wenamela umusa.


Kuyakuhlangabezana umusa neqiniso, kwangane ukulunga nokuthula.


kepha ozibongayo makazibonge ngalokhu ukuthi uyangiqonda, angazi ukuthi nginguJehova owenza umusa nokwahlulela nokulunga emhlabeni, ngokuba ngiyathokoza ngokunjalo,” usho uJehova.


Wayesethi u-Adoni Bezeki: “Amakhosi angamashumi ayisikhombisa enqunyiwe izithupha nawoqukula acosha ukudla kwawo phansi kwetafula lami; njengalokho ngenzile, kanjalo uNkulunkulu uphindisele kimi.” Bamyisa eJerusalema, wafela khona.


Yisho kubo, uthi: ‘Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angithokozi ngokufa komubi, kuphela ngokubuya komubi endleleni yakhe aze aphile. Buyani, buyani ezindleleni zenu ezimbi; niyakufelani nina ndlu yakwa-Israyeli na?’


Base bethi omunye komunye: “Impela sitholile icala ngomfowethu, njengokuba sabona usizi lwenhliziyo yakhe, esincenga, kasamlalela; ngalokho lolu sizi selufike phezu kwethu.”


Bhekani, umvuzo wezisebenzi ezavuna amasimu enu eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwabavunileyo kungenile ezindlebeni zeNkosi Sebawoti.


“Kepha u-Abrahama wathi: ‘Ndodana, khumbula ukuba wamukela okuhle kwakho usesekuphileni noLazaru kanjalo okubi; kodwa manje uyaduduzwa yena lapha, wena uyahlushwa.


Lapho amagatsha awo esebunile, ayakwaphulwa, kufike abesifazane, baphembe umlilo kuwo, ngokuba bangabantu abangenakuqonda; ngalokho owabenzayo akayikubahawukela, nowababumbayo akayikuba namusa kubo.


Ngalokho ngizweni, nibuyise abathunjwa enibathumbile kubafowenu, ngokuba ulaka olushisayo lukaJehova luphezu kwenu.”


Ocindezela ompofu ukuba azandisele nophayo isicebi bayakuba ngabokuswela kuphela.


Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe, andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle; akunakungabaza, akunakuzenzisa.


Wakhothama ngasezinyaweni zakhe, wawa, walala; ngasezinyaweni zakhe wafola, wawa; lapho wakhothama khona, wawela khona efile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite