Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJakobe 2:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Bazalwane bami, ukukholwa kwenu yiNkosi yethu yenkazimulo uJesu Kristu makungabi nokukhetha abantu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Bazalwane bami, ukukholwa yiNkosi yethu uJesu Khristu, iNkosi yenkazimulo, makungabi nokukhetha abantu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Bazalwane bami, ukukholwa kwenu yiNkosi yethu yenkazimulo uJesu Kristu makungabi ngokukhetha abantu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Bazalwane bami, ukukholwa kwenu yiNkosi yethu yenkazimulo uJesu Kristu makungabi ngokukhetha abantu.

Gade chapit la Kopi




EkaJakobe 2:1
29 Referans Kwoze  

Nalawa angamazwi ahlakaniphileyo: Ukukhetha ubuso ekwahluleleni akukuhle.


kodwa uma nikhetha abantu, nenza isono, nilahlwa ngumthetho njengabaweqayo.


Awuyikuphendukezela isahlulelo, ungakhethi ubuso bamuntu, ungafunjathiswa isipho, ngokuba isipho siphuphuthekisa amehlo ohlakaniphileyo, siphendukezela amazwi olungileyo.


“ ‘Ningenzi ukungalungi ekwahluleleni; ungakhethi ubuso bompofu, ungavuni ubuso bomkhulu, kepha wahlulele umakhelwane wakho ngokulunga.


Maningakhethi abantu ekwahluleleni, nimuzwe omncane njengomkhulu, ningesabi ubuso bamuntu, ngokuba ukwahlulela kungokukaNkulunkulu; indaba elukhuni kini niyilethe kimi, ngiyizwe.’


Ukukhetha ubuso akukuhle; ngomthamo wesinkwa umuntu angenza isiphambeko.


Ngalokho ingebhe ngoJehova mayibe phezu kwenu; qaphelani nikwenze, ngokuba ukungalungi akukho kuJehova uNkulunkulu wethu, nokukhetha ubuso, nokwamukela umvuzo.”


Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe, andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle; akunakungabaza, akunakuzenzisa.


nimbheke ogqokile izingubo ezicwebezelayo, nithi: “Hlala lapha wena kulendawo enhle,” besenithi kompofu: “Yima lapho wena,” noma: “Hlala phansi kwesenabelo sezinyawo zami,”


Yilabo abakhononayo nabasolayo, behamba ngezinkanuko zabo, umlomo wabo ukhuluma uwangala, betusa ubuso ngenxa yenzuzo.


Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKristu Jesu nezingelosi ezikhethiweyo ukuba ulonde lezo zinto ngokungazinqumeli, ungenzi lutho ngokukhetha.


Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso; awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.


okungaziwa namunye wababusi balesi sikhathi; ngokuba uma bebekwazi, babengayikuyibethela esiphambanweni iNkosi yenkazimulo;


Nakhu ukubekezela kwabangcwele abagcina imiyalo kaNkulunkulu nokukholwa nguJesu.


sibheke ithemba elibusisiweyo nokuvela kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu


ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu nokukholwa yiNkosi yethu uJesu.


USimeyoni Petru, inceku nomphostoli kaJesu Kristu, kubo abazuzile ukukholwa okuyigugu ngokufana nokwethu ngokulunga kukaNkulunkulu wethu noMsindisi uJesu Kristu:


UPawulu, inceku kaNkulunkulu nomphostoli kaJesu Kristu ngokokukholwa kwabakhethiweyo bakaNkulunkulu nangokokwazi iqiniso elingokokukhonza uNkulunkulu,


unokukholwa nonembeza omuhle, okuthe abanye bekulahlile, bafelwa umkhumbi wokukholwa,


lokhu sizwile ngokukholwa kwenu kuKristu Jesu nangothando eninalo kubo bonke abangcwele,


Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu,


Ngokuba ngilangazelela ukunibona ukuze nginabele isipho esithile somusa sokomoya ukuba niqiniswe,


Kepha emva kwezinsuku ezithile wafika uFeliksi noDrusila umkakhe owayengumJudakazi, wabiza uPawulu, wamuzwa ngokukholwa nguKristu Jesu.


Yena wathi: “Madoda, bazalwane, nani bobaba, lalelani. UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba u-Abrahama eseMesopotamiya, engakakhi eHarana,


Khona uPetru wavula umlomo, wathi: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu,


sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.


Ningadukiswa, bazalwane bami abathandekayo.


Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite