Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJakobe 1:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ningadukiswa, bazalwane bami abathandekayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Bazalwane bami abathandekayo, ningadukiswa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Ningaduki, bazalwane bami abathandekayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ningaduki, bazalwane bami abathandekayo.

Gade chapit la Kopi




EkaJakobe 1:16
22 Referans Kwoze  

Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela;


Ngakho-ke, bathandiweyo bami, njengalokho nilalele ngezikhathi zonke, kungesikho nxa ngikhona kuphela, kodwa ikakhulu manje nxa ngingekho, fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela,


Ningaduki; uNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna.


Xwayani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize njengokwemvelo yabantu, njengezifundiso zokucathula kwezwe, kungenjengokukaKristu.


Malume njalo uthando lobuzalwane.


Ngikusho lokhu, ukuze kungabikho muntu onikhohlisa ngamazwi okuyenga.


Yizwani, bazalwane bami abathandekayo. UNkulunkulu akakhethanga yini abampofu ezweni babe ngabacebileyo ekukholweni nezindlalifa zombuso awuthembisa bona abamthandayo na?


abadukileyo mayelana neqiniso, bethi ukuvuka kwabafileyo sekudlulile, bechitha ukukholwa kwabanye.


Ngalokho, bazalwane bami abathandekayo nabalangazelelwayo, ntokozo yami nomqhele wami, yimani niqinile kanjalo eNkosini, bathandwa.


Kepha kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa. Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo,


Akasiye uNkulunkulu wabafileyo kodwa owabaphilayo. Nidukile kakhulu.”


UJesu wathi kubo: “Angithi nidukile ngenxa yokuba ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu na?


Kepha uJesu waphendula, wathi kubo: “Nidukile ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu.


Ngaleyo mihla uPetru wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasikhona ndawonye kwakungathi ikhulu namashumi amabili, wathi:


Bazalwane bami, nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kungukuthokoza kodwa,


Bazalwane bami, ukukholwa kwenu yiNkosi yethu yenkazimulo uJesu Kristu makungabi nokukhetha abantu.


Kusizani, bazalwane bami, uma umuntu ethi unokukholwa, kepha engenayo imisebenzi na? Ukukholwa kungamsindisa na?


Ningabi ngabafundisi abaningi, bazalwane bami, nazi ukuthi siyakwamukeliswa ukwahlulelwa okukhulu.


emlonyeni munye kuphuma ukubusisa nokuqalekisa. Akufanele, bazalwane bami, ukuba lokho kube kanjalo.


Ningahlebani, bazalwane. Ohleba umzalwane, noma ahlulele umzalwane wakhe, uhleba umthetho, ahlulele umthetho; kepha uma wahlulela umthetho, awusiye owenza okomthetho kodwa ungumahluleli.


Kepha phezu kwakho konke, bazalwane bami, ningafungi; ningafungi izulu noma umhlaba noma esinye isifungo; kodwa uyebo wenu makabe nguyebo, noqhabo uqhabo, ukuze ningaweli ekwahlulelweni.


Bazalwane bami, uma omunye kini eduka eqinisweni, omunye ambuyise,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite