Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 99:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Jehova Nkulunkulu wethu, wena ubaphendulile, waba kubo uNkulunkulu othethelelayo nophindiselayo ngezenzo zabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Simakade Nkulunkulu wethu, Wena wabaphendula, waba nguNkulunkulu othethelelayo kubo, nophindiselayo ngezenzo zabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Wabaphendula, Jehova Nkulunkulu wethu: Wena wawunguNkulunkulu owabathethelelayo, lanxa waphindisela emicabangweni yabo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 99:8
16 Referans Kwoze  

UJehova wathi kuMose naku-Aroni: “Njengokuba anikholwanga yimi ukungingcwelisa emehlweni abantwana bakwa-Israyeli, ngalokho aniyikungenisa leli bandla ezweni engibanike lona.”


Kepha umusa wami angiyikuwususa kuye, ngingaphikisi ukuthembeka kwami.


Ungesabi wena Jakobe, nceku yami,” usho uJehova, “ngokuba nginawe, ngokuba ngiyakuqeda ngokupheleleyo zonke izizwe engikuxoshele kuzo, kepha wena angiyikukuqeda; kodwa ngiyakukulaya ngokwahlulela, ngingakwenzi ube ngongenacala.”


Bheka, lokhu kuphela ngikufumene ukuthi uNkulunkulu wamenza umuntu waba qotho, kepha bona bafunile amacebo amaningi.”


ngokuba kuthe bemazi uNkulunkulu, kabamdumisanga, kabambonganga njengoNkulunkulu, kodwa balutheka ekuzindleni kwabo; inhliziyo yabo engaqondiyo yaba mnyama.


Ngathi: ‘Nokho uyakungesaba, wamukele ukulaywa.’ Indawo yawo yokuhlala ayiyikunqunywa, kungenzeki konke engiwumisele khona; kepha bavuka ekuseni, benza okubi.


“Kepha uJehova wangithukuthelela ngenxa yenu, akangizwanga; uJehova wayesethi kimi: ‘Mawudele; ungabe usakhuluma nami ngale ndaba.


“U-Aroni uyakubuthelwa kubantu bakhe, ngokuba akayikungena ezweni engibanike lona abantwana bakwa-Israyeli, lokhu nahlubuka ezwini lami ngasemanzini aseMeriba.


U-Aroni wayesethi kubo: “Khumulani amacici egolide asezindlebeni zawomkenu, nakwezamadodana enu, nakwezamadodakazi enu, niwalethe kimi.”


ogcinela abayizinkulungwane umusa, othethelela ububi neziphambeko nezono, ongayikuyekela onecala, ehambela ububi bawoyise kubantwana nakubantwana babantwana, kwabesizukulwane sesithathu nesesine.”


Nokho, ngokuba ngaleso senzo waveza ithuba elikhulu lokuba izitha zikaJehova zihlambalaze, umntwana omzalelweyo uyakufa nokufa.”


Kepha yena enesihawu wathethelela ububi babo, akabhubhisanga; yebo, wabamba kaningi intukuthelo yakhe, akavusanga lonke ulaka lwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite