Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 99:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Mababonge igama lakho elikhulu nelesabekayo; ungcwele yena.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Mabalibonge igama lakhe elikhulu nelesabekayo; ungcwele Yena.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Mabadumise igama lakho elikhulu nelesabekayo; ngoba ingcwele.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 99:3
20 Referans Kwoze  

Elinye lamemeza kwelinye, lathi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova Sebawoti, wonke umhlaba ugcwele inkazimulo yakhe.”


“Uma ungaqapheli ukuwenza onke amazwi alo mthetho alotshiwe kule ncwadi ukuba ulesabe igama lakhe elidumisekayo nelesabekayo elithi UJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO,


Wabathumela abantu bakhe ukukhululwa; uyalezile isivumelwano sakhe kuze kube phakade; lingcwele, liyesabeka igama lakhe.


Nezidalwa ezine, yileso naleso kuzo, zinamaphiko ayisithupha; emaceleni onke nangaphakathi zigcwele amehlo; kazikhawuli imini nobusuku ukuthi: “Ingcwele, ingcwele, ingcwele, iNkosi uNkulunkulu uMninimandla onke, owayekhona nokhona nozayo.”


Angisekho ezweni mina, basezweni bona, mina ngiza kuwe. Baba ongcwele, bagcine egameni lakho labo ongiphe bona, ukuze babe munye njengathi.


UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke, unomusa emisebenzini yakhe yonke.


Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho. Ngenxa yobukhulu bamandla akho izitha zakho ziyakuzithoba phansi kwakho.


Lapho sengibhekile, ngasuka ngathi kwabakhulu nakubabusi nakwabanye abantu: “Ningabesabi; khumbulani iNkosi enkulu neyesabekayo, nilwele abafowenu, namadodana enu, namadodakazi enu, nawomkenu, nezindlu zenu.”


ngathi: “Ngiyanxusa, Jehova Nkulunkulu wezulu, wena Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa nabakuthandayo nabagcina imiyalo yakho,


UJoshuwa wathi kubantu: “Aninakumkhonza uJehova, ngokuba unguNkulunkulu ongcwele; unguNkulunkulu onomhawu, akayikuthethelela iziphambeko zenu nezono zenu.


Ngalokho awuyikuzesaba, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho, uNkulunkulu omkhulu nowesabekayo.


UNkulunkulu uyaziwa kwaJuda, igama lakhe likhulu kwa-Israyeli.


“Akakho ongcwele njengoJehova, ngokuba akakho noyedwa ngaphandle kwakho; futhi alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu.


Kepha uJehova unami njengeqhawe elesabisayo; ngalokho abangizingelayo bayakukhubeka, bangangahluli; bayakuba namahloni kakhulu, ngokuba abenzanga ngokuhlakanipha, nehlazo labo eliphakade aliyikukhohlakala.


Uyanquma umoya wezikhulu, wesabeka kuwo amakhosi omhlaba.


“Ngalokho, Nkulunkulu wethu, Nkulunkulu omkhulu onamandla owesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa, yonke le nkathazo mayingabi ncane ebusweni bakho esificile thina, namakhosi ethu, nezikhulu zethu, nabapristi bethu, nabaprofethi bethu, nawobaba, nabo bonke abantu bakho, kusukela esikhathini samakhosi ase-Asiriya kuze kube namuhla.


AmaLevi oJeshuwa, noKadimiyeli, noBani, noHashabineya, noSherebiya, noHodiya, noShebaniya, noPhethahiya athi: “Sukumani nimbonge uJehova uNkulunkulu wenu kusukela phakade kuze kube phakade. “Malibongwe igama lakho elikhazimulayo, eliphakanyisiwe ngaphezu kwakho konke ukubonga nokudumisa.


Ngenani emasangweni akhe ngokubonga, nasemagcekeni akhe ngokudumisa; mbongeni, nibusise igama lakhe.


Mbonge uJehova, mphefumulo wami; konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite