Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 98:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UJehova wazisile insindiso yakhe; ukulunga kwakhe ukwambulile emehlweni abezizwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 USimakade uyenze yaziwa insindiso yakhe, ukulunga kwakhe wakwembula emehlweni abezizwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UJehova uyazisile insindiso yakhe; Wenza ukulunga kwakhe kwabonakala phambi kwamehlo ezizwe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 98:2
23 Referans Kwoze  

UJehova wambulile ingalo yakhe engcwele emehlweni ezizwe zonke, namajukujuku onke omhlaba ayakubona insindiso kaNkulunkulu wethu.


Izizwe ziyakubona ukulunga kwakho, namakhosi onke inkazimulo yakho; uyakubizwa ngegama elisha eliyakunqunywa ngumlomo kaJehova.


Bayakuza bashumayele ukulunga kwayo kuso isizwe esiyakuzalwa ngokuthi ikwenzile.


Ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwambulwa kulo, kuvela ekukholweni, kuyisa ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi: “Olungileyo uzakuphila ngokukholwa.”


Ezinsukwini zalo uJuda uyakusindiswa, u-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama eliyakubizwa ngalo lokuthi: UJEHOVA UNGUKULUNGA KWETHU.


yebo, uthi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli; ngalokho ngiyakukubeka ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”


USimeyoni Petru, inceku nomphostoli kaJesu Kristu, kubo abazuzile ukukholwa okuyigugu ngokufana nokwethu ngokulunga kukaNkulunkulu wethu noMsindisi uJesu Kristu:


ngifunyanwe kuyena, ngingenakho ukulunga okungokwami okuya ngomthetho kodwa lokho okuya ngokukholwa nguKristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa,


Kepha ngithi: Abezwanga yini na? Yebo, impela: “Izwi labo liphumele emhlabeni wonke, nokusho kwabo kuye nasemikhawulweni yelakhiweyo.”


Ngakho siyakuthini na? Ukuthi abezizwe abangafunisisanga ukulunga batholile ukulunga, ukulunga kambe okungokukholwa;


inyama yonke izakubona insindiso kaNkulunkulu.’ ”


Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.


ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele,


Ngiyakusondeza ukulunga kwami, akukude, insindiso yami ayiyikulibala; ngibeka insindiso eSiyoni nodumo lwami kwa-Israyeli.


Uyakwamukela isibusiso kuJehova nokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe.


sibheke ithemba elibusisiweyo nokuvela kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


Zimnandi kangakanani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, nomemezela ukuthula, obika izindaba ezinhle, ezwakalise ukusindiswa, oshoyo kulo iSiyoni ukuthi: “UNkulunkulu wakho uyinkosi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite