Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 97:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Mabajabhe bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo, abazigabisa ngezithombe. Mkhonzeni nina nonke bonkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo mabajabhe, labo abazigabisa ngezithombe. Bonke onkulunkulu bakhothame phambi kwakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo bajabhile, abazincoma ngezithombe; nimkhonze, onkulunkulu bonke.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 97:7
19 Referans Kwoze  

Futhi mhla engenisa oyizibulo emhlabeni uthi: “Nezingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye.”


Bonke abantu bayiziphukuphuku, abanakwazi; bonke abakhandi bajabhiswa nezithombe zabo ezibaziweyo, ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga, nomoya awukho kuzo.


Bayakubuyiselwa emuva, bajabhe nokujabha labo abethemba ezithombeni ezibaziweyo, abasho ezithombeni ezibunjiweyo ukuthi: ‘Ningonkulunkulu bethu.’


“ ‘Ningenzi izithombe, ningamisi izithombe ezibaziweyo noma insika; ningabeki itshe elinemifanekiso ezweni lakini ukukhothamela kulo; ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.


“Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo, namfanekiso wokusezulwini ngaphezulu, nowokusemhlabeni phansi, nowokusemanzini phansi komhlaba;


abambulelwe ukuba bangazikhonzi bona kepha nina ngalezo zinto enishunyayezwa zona manje ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, izinto ezizifisayo izingelosi ukuzibona.


Bheka, bayize bonke; imisebenzi yabo ayiyinto yalutho, nezithombe zabo ezibunjiweyo zingumoya nokuyize.


Amaphiko alawo makherubi azelula izingalo ezingamashumi amabili; ema ngezinyawo zawo, ubuso bawo bubheke endlini.


“ ‘Makaqalekiswe umuntu owenza isithombe ezibaziweyo nesibunjiweyo, isinengiso kuJehova, umsebenzi wezandla zengcweti, asimise ngasese.’ “Bonke abantu bayakuphendula bathi: ‘Amen.’


“ ‘Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo zomfanekiso wokusezulwini phezulu, nokusemhlabeni phansi, nokusemanzini phansi komhlaba;


Amakherubi ayakwelula amaphiko awo ngaphezulu, amboze isihlalo somusa ngamaphiko awo, abhekane ngobuso; ubuso bamakherubi buyakubheka isihlalo somusa.


Abase-Ashidodi sebevukile kusasa ekuseni, bheka, uDagoni wayewile phansi ngobuso phambi komphongolo kaJehova. Bamthatha uDagoni, bambuyisela endaweni yakhe.


ukuze uvule amehlo ezimpumputhe, ukhiphe iziboshwa etilongweni nabahlezi ebumnyameni etilongweni.


Bayakujabha, babe namahloni bonke kanyekanye; bayakuhamba benamahloni bonke abenza izithombe.


“Njengesela linamahloni, lapho selifunyenwe, kanjalo indlu yakwa-Israyeli iyakuba namahloni, bona kanye namakhosi abo, nezikhulu zabo, nabapristi babo, nabaprofethi babo


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite