Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 97:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Umlilo uyahamba phambi kwakhe, udla izitha zakhe nxazonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Umlilo uhamba phambi kwakhe, uzishwabadele nxazonke izitha zakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Umlilo uyaphuma phambi kwakhe ushise izitha zakhe nxazonke.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 97:3
19 Referans Kwoze  

UNkulunkulu wethu uyeza, akayikuthula; umlilo udla phambi kwakhe; uphahlwe yisivunguvungu esikhulu.


Kwenyuka umusi emakhaleni akhe, nomlilo odlayo emlonyeni wakhe; amalahle avutha kuye.


ngokuba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.


elangabini lomlilo, ephindisela kwabangamazi uNkulunkulu nakwabangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu,


“Ngokuba bheka, luyeza usuku, luvutha njengeziko; bonke abaziqhenyayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi; luyakubashisa lolo suku oluzayo,” usho uJehova Sebawoti, “lungabashiyeli mpande nagatsha.


Umnonjana womlilo wavela, waphuma phambi kwakhe; izinkulungwane zenkulungwane zazimkhonza, nezinkulungwane eziyishumi zezinkulungwane eziyishumi zazimi ngaphambi kwakhe; kwahlala abahluleli, izincwadi zavulwa.


Ngokuba umlilo uphenjiwe entukuthelweni yami; uyasha kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uqede umhlaba nezithelo zawo, wokhele izisekelo zezintaba.


Ngaphambi kwakhe kuhamba isifo, amalangabi aphuma ezinyathelweni zakhe.


Uma kukhona ofuna ukona laba, kuphuma umlilo emlonyeni wabo, udle izitha zabo, uziqede; yebo, uma kukhona ofuna ukona laba, kumelwe ukuba abulawe kanjalo.


UJehova wakhuluma kinina ubuso nobuso entabeni ephakathi komlilo.


Esezulwini wakuzwisa izwi lakhe ukuba akufundise; emhlabeni wakubonisa umlilo wakhe omkhulu; wena wezwa amazwi akhe evela phakathi komlilo.


Nase nisondela, nema phansi kwentaba; intaba yavutha umlilo kwaze kwaba phakathi kwezulu, inobumnyama, namafu, nesigayegaye.


Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.


Wathobisa izulu, wehla; ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.


Ngabona, bheka, kwavela umoya wesivunguvungu enyakatho, ifu elikhulu elinomlilo ovuthayo nokukhanya nxazonke zalo, kuphuma phakathi kwalo kungathi ithusi elikhazimulayo, kuvela emlilweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite