Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 97:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJehova uyinkosi; umhlaba mawethabe, zijabule iziqhingi eziningi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 USimakade uyabusa, umhlaba mawuthokoze, zethabe iziqhingi eziningi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UJehova uyinkosi; umhlaba mawuthokoze; uquqaba lweziqhingi malujabule ngalo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 97:1
26 Referans Kwoze  

owasikhulula emandleni obumnyama nowasibeka embusweni weNdodana yothando lwakhe;


UJehova uyinkosi; mabathuthumele abantu; uhlezi phezu kwamakherubi;* mawuzamazame umhlaba.


UJehova uyinkosi, wembethe ubukhosi; uJehova wembethe, ubhince amandla. Nezwe limi liqinile, lingazanyazanyiswa.


ethi: “Siyakubonga, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke, okhona nowawukhona, ngokuba uthabathe amandla akho amakhulu, wabusa;


Ubusisiwe umbuso ozayo kababa uDavide. Hosiyana kweliphezulu!”


UJehova uyakwesabeka phezu kwabo, ngokuba uyakuzacisa bonke onkulunkulu bomhlaba, bakhuleke kuye, kube yilowo nalowo endaweni yakhe, zonke iziqhingi zezizwe.


Jabulani nina mazulu, uthokoze nawe mhlaba, niqhumuke ngokuhlabelela nina zintaba, ngokuba uJehova ududuza abantu bakhe, abe nomusa kwabahluphekileyo bakhe.


Kuvela kulabo iziqhingi zabezizwe zahlukaniselwa amazwe abo, kwaba yilelo nalelo ngolimi lwalo, nangemindeni yalo, nangezizwe zalo.


ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’


mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini;


Ngokuba nguye akhuluma ngaye umprofethi u-Isaya, ethi: “Izwi lomemezayo ehlane, lithi: ‘Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde.’ ”


Abasindisi bayakukhuphukela entabeni yaseSiyoni ukuyakwahlulela intaba yakwa-Esawu, umbuso besewuba ngokaJehova.


“Ngiyakubeka isibonakaliso phakathi kwazo, ngithume ababalekileyo babo kwabezizwe, eTharishishi, nasePhuli, naseLudi, abagoba umnsalo, nakuThubali naseJavani, eziqhingini ezikude, ezingezwanga umbiko ngami, zingabonanga inkazimulo yami, baze balande ngenkazimulo yami ezizweni.


Iziqhingi ziyangihlalela, imikhumbi yaseTharishishi kuqala, ukuletha amadodana akho evela kude, enesiliva negolide lawo kulo igama likaJehova uNkulunkulu wakho nakoNgcwele ka-Israyeli, ngokuba uyakudumisa.


Ukulunga kwami kuseduze, insindiso yami iphumile, izingalo zami ziyakubahlulela abantu; iziqhingi ziyangihlalela, zilindela umkhono wami.


Ngilaleleni nina ziqhingi, niqaphele nina bantu abakude; uJehova ungibizile kwasekuzalweni, waqamba igama lami kwasezibilinini zikamame.


Akayikudangala, aphele amandla, aze amise ukwahlulela emhlabeni; neziqhingi ziyakuhlalela umthetho wakhe.”


Iziqhingi ziyakubona, ziyesaba; imikhawulo yomhlaba iyathuthumela; isondele, isifikile.


Kuyakuthi ngalolo suku iNkosi ibuye yelule isandla sayo ngokwesibili ukuzuza insali yabantu bayo eyakusala e-Asiriya, naseGibithe, nasePhatirosi, naseKushe, nase-Elamu, naseShineyari, naseHamati, naseziqhingini zolwandle.


Mkhonzeni uJehova ngokwesaba, nethabe ngokuthuthumela.


UJehova uyakuba yiNkosi emhlabeni wonke; ngalolo suku uJehova uyakuba munye, negama lakhe libe linye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite