Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 95:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Wozani; masikhuleke, sikhothame, siguqe phambi kukaJehova, uMenzi wethu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Wozani sikhuleke, sikhothame, siguqe phambi kukaSimakade, uMenzi wethu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Wozani sikhuleke, sikhothame; masiguqe phambi kukaJehova uMdali wethu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 95:6
37 Referans Kwoze  

ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba,


Yazini ukuthi uJehova unguNkulunkulu; nguye osenzileyo, akuthina, sibe ngabantu bakhe nezimvu zedlelo lakhe.


UDaniyeli esekwazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe amafasitele ekamelo lakhe ayevulekile ebhekisa eJerusalema waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho enzile kuqala.


Wozani simhubele uJehova, sihlabelele ngenjabulo kulo idwala lensindiso yethu.


Ngenxa yalokho ngiguqa ngamadolo ami kuYise,


Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho, nguJehova Sebawoti igama lakhe; oNgcwele ka-Israyeli unguMhlengi wakho, uyakubizwa ngokuthi uNkulunkulu womhlaba wonke.


Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu.


ngokuba uSolomoni wayenzile ibhesitulu* lethusi; ubude balo babuyizingalo eziyisihlanu, nobubanzi balo babuyizingalo eziyisihlanu, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo ezintathu; walimisa phakathi negceke, wema kulo, wayeseguqa ngamadolo phambi kwalo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welulela izandla zakhe ngasezulwini,


Wamonyuka kubo kungathi ibanga lokuphonsa itshe, waguqa phansi, wakhuleka,


Ngakho abahluphekayo ngokwentando kaNkulunkulu mababeke imiphefumulo yabo kuMdali othembekayo ngokwenza okuhle.


Konke kwavela ngaye; ngaphandle kwakhe akuvelanga lutho kukho konke okuvelileyo.


Ngesikhathi somnikelo wakusihlwa ngavuka ekuzileni kwami, ingubo yami nejazi lami kuklebhukile, ngaguqa ngamadolo, ngelulela izandla zami kuJehova uNkulunkulu wami,


UMoya nomlobokazi bathi: “Woza!” Nozwayo makathi: “Woza!” Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.


Kwathi sesiqedile lezo zinsuku, saphuma sahamba; bonke basiphelekezela kanye nawomkabo nabantwana, kwaze kwaba ngaphandle komuzi; saguqa ngamadolo ogwini, sakhuleka,


Ngalolo suku abantu bayakumbheka uMenzi wabo, namehlo abo ayakumbuka oNgcwele ka-Israyeli.


Abakhe ehlane bayakukhothama phambi kwayo; izitha zayo zizakukhotha uthuli.


Kwathi uSolomoni eseqedile ukukhuleka wonke lo mkhuleko nalokho kunxusa kuJehova, wasuka e-altare likaJehova ekuguqeni ngamadolo akhe, izandla zakhe zelulelwe ngasezulwini.


ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


Wayeseguqa phansi, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Nkosi, ungababaleli lesi sono.” Eseshilo lokho walala ubuthongo.


Waqhubeka ingcosana, wawa phansi, wakhuleka ukuba, uma kungenzeka, kudlule kuye lo mzuzu.


Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba.


Ngokuba u-Israyeli ukhohliwe uMdali wakhe, wakha izindlu zamakhosi, noJuda wandisile imizi ebiyelweyo, ngiyakuthuma umlilo emizini yakhe, uqede izindlu zayo zobukhosi.”


Futhi khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, ingakasondeli iminyaka osho ngayo ukuthi: “Angithokozi ngayo;”


U-Israyeli makathokoze ngowamEnzayo, abantwana baseSiyoni bethabele iNkosi yabo.


Kepha akakho othi: ‘Uphi uNkulunkulu, uMenzi wami, ozwakalisa amahubo ebusuku,


Mina Johane nginguye owezwa nowabona lezi zinto. Kuthe sengizwile, sengibonile, ngawa phansi ukuba ngikhuleke phambi kwezinyawo zengelosi engikhombisile lezo zinto.


Eseshilo lokho waguqa phansi kanye nabo bonke, wakhuleka.


“Wozani sibuyele kuJehova, ngokuba yena usidwengulile; uyakusiphulukisa; usishayile, uyakusibopha.


wathi kuye: “Konke lokhu ngizakukunika khona, uma uziwisa phansi, ukhuleke kimi.”


Lonke ibandla lakhuleka, abahlabeleli bahlabelela, abamacilongo babetha; konke kwaqhubeka waze waphela umnikelo wokushiswa.


Sebeqedile ukunikela, inkosi nabo bonke ababe nayo bakhothama, bakhuleka.


UHezekiya inkosi nezikhulu bawayala amaLevi ukumdumisa uJehova ngamazwi kaDavide nangaka-Asafa umboni. Badumisa ngokuthokoza, bakhothamisa amakhanda abo, bakhuleka.


Izandla zakho zingenzile, zangibumba; ngiphe ingqondo, ukuze ngifunde imiyalo yakho.


Ngokuba wena uzenzile izinso zami, wangaluka esiswini sikamame.


Usho kanje uJehova owakudalayo, wakubumba kwasesiwini, oyakukusiza, uthi: Ungesabi, Jakobe, nceku yami, wena Jeshuruni engikukhethileyo.


Kepha manje, Jehova, unguBaba; thina siyibumba, wena ungumbumbi wethu, singumsebenzi wesandla sakho sonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite