Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 95:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Iminyaka engamashumi amane nganengwa yileso sizukulwane, ngaze ngathi: “Bangabantu abanhliziyo zabo zidukile, abazazanga izindlela zami,”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Iminyaka engamashumi amane, nganengwa yileso sizukulwane, ngaze, ngathi: “Bangabantu abanhliziyo zabo zidukile, abangazazanga izindlela zami.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kwasekuyiminyaka engamatshumi amane ngidabukile ngalesisizukulwana, ngathi: Laba ngabantu abadukileyo enhliziyweni zabo, njalo abazazi izindlela zami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 95:10
18 Referans Kwoze  

Yibaphi-ke anengwa yibo iminyaka engamashumi amane na? Kwakungesibo abonayo, abazidumbu zabo zawa ehlane na?


Wababekezelela ehlane kungathi iminyaka engamashumi amane.


Yena lowo wabakhipha enza izimangaliso nezibonakaliso ezweni laseGibithe, naseLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engamashumi amane.


Jehova, usidukiselani ezindleleni zakho, uzenze lukhuni izinhliziyo zethu zingakwesabi, na? Buya ngenxa yezinceku zakho, izizwe zefa lakho.


Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube lusuku lokuhlengwa.


Nanjengalokho bengakunakanga ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabanikela engqondweni yokunganaki ukwenza okungafanele,


Uhlala phakathi kwenkohliso; ngenkohliso bayala ukungazi,” usho uJehova.


Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.


Kwathi ngomnyaka wamashumi amane ngenyanga yeshumi nanye ngolokuqala lwenyanga uMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli njengakho konke uJehova amyale ngakho ukuba akukhulume kubo,


Intukuthelo kaJehova yabavuthela abakwa-Israyeli, wabazulisa ehlane iminyaka engamashumi amane, saze saphela sonke leso sizukulwane esasenzile okubi emehlweni kaJehova.


Wayesezisola uJehova ukuthi wayebenzile abantu emhlabeni, wadabuka enhliziyweni yakhe.


Nokho bathi kuNkulunkulu: ‘Suka kithi, asifuni ukwazi izindlela zakho.


Usho kanje uJehova ngalaba bantu, uthi: “Bathanda ukuzula kanjalo, abazibambi izinyawo zabo; uJehova akathokozi ngabo; manje uyakubukhumbula ububi babo, azihambele izono zabo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite