Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 95:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Wozani simhubele uJehova, sihlabelele ngenjabulo kulo idwala lensindiso yethu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Wozani simhubele uSimakade, silihlokomele ngenjabulo idwala lensindiso yethu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Wozani sihlabelele inkazimulo kaJehova, sijabule kulo idwala lensindiso yethu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 95:1
36 Referans Kwoze  

bonke baphuza kuphuza kunye komoya; ngokuba baphuza edwaleni lomoya elabalandelayo. Idwala lelo lalinguKristu.


Halalisani uNkulunkulu amandla ethu, nimemeze ngokujabula kuNkulunkulu kaJakobe.


Konke okuphefumulayo makudumise uJehova. Haleluya!


“UJehova usekhona malidunyiswe idwala lami; makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami,


UMiriyamu wabaphendula ngokuthi: “Hlabelelani kuJehova, ngokuba uphakeme kakhulu; ihhashi nenkweli yalo ukuphonse elwandle.”


Bahlabelela igama likaMose inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke; zilungile, ziqinisile izindlela zakho wena Nkosi yezizwe;


Hlokoma kuJehova ngezwi lokuhalalisa, mhlaba wonke.


Mtuseni uJehova kanye nami, siphakamise igama lakhe kanyekanye.


Hlabelelani kuye, nimhubele, nikhulume ngezimangaliso zakhe zonke.


Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.


Bongani uNkulunkulu wethu nina zizwe, nizwakalise izwi lokudunyiswa kwakhe


“UJeshuruni wayesekhuluphala, wakhaba; usukhuluphele, uzimukile, uchachambile; wayesemshiya uNkulunkulu owamenza, walidelela iDwala lensindiso yakhe.


Ngase ngizwa kungathi izwi lesixuku esikhulu, linjengezwi lamanzi amaningi, nezwi lokuduma okunamandla, lithi: “Haleluya! Ngokuba iNkosi uNkulunkulu wethu, uMninimandla onke, iyabusa.


Ahlabelela igama elisha, athi: “Ufanele wena ukuyithabatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe,


niphendulane ngamahubo nangezihlabelelo nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele iNkosi enhliziyweni yenu,


Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zamemeza zathi: “Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Hosiyana kweliphezulu!”


izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, izwi labathi: “ ‘ “Bongani uJehova Sebawoti, ngokuba uJehova muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade,” “ ‘nelabaletha iminikelo yokubonga endlini kaJehova. Ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwezwe njengakuqala,’ usho uJehova.


Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Dumisani uJehova nina bezizwe zonke, nimbabaze nina bantu bonke.


Base behlabelela uMose nabantwana bakwa-Israyeli leli gama, bekhuluma bethi: “Ngizakuhlabelela kuJehova, ngokuba uphakeme kakhulu; ihhashi nenkweli yalo ukuphonse elwandle.


Mababonge uJehova ngomusa wakhe, nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.


Mababonge uJehova ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.


Mababonge uJehova ngomusa wakhe nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.


Ngizakuhlabelela ngomusa nokwahlulela, ngikudumise wena Jehova.


Uyakungibiza ngokuthi: ‘UnguBaba, unguNkulunkulu wami nedwala lensindiso yami.’


Bahlabelela igama elisha phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kwezidalwa ezine, namalunga; kepha akubangakho onamandla okufunda lelo gama, kuphela abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane abathengiweyo emhlabeni.


Bafika-ke eJerusalema benezingubhu namahabhu* namacilongo endlini kaJehova.


uNkulunkulu onginikile impindiselo, wathobisa izizwe phansi kwami;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite