Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 94:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Isizwe sakho, Jehova, bayasiphohloza, nefa lakho balinyathela phansi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Simakade, baphohloza isizwe sakho, nefa lakho balinyathela phansi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Bachoboza abantu bakho, Jehova, bacindezela ifa lakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 94:5
20 Referans Kwoze  

Nichobozeleni abantu bami, nigaye ubuso babampofu, na?” isho iNkosi uJehova Sebawoti.


Ngase ngibona owesifazane edakiwe yigazi labangcwele negazi lawofakazi bakaJesu. Kuthe lapho ngimbona, ngamangala ngokumangala okukhulu.


Ngiyakubanika ofakazi bami ababili ukuba baprofethe izinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisithupha bembethe indwangu yamasaka.”


UNebukadinesari, inkosi yaseBabele ungidlile wangiqeda; ungenze isitsha esingenalutho, wangigwinya njengodrako;* ugcwalisile isisu sakhe ngokumnandi kwami, wangixosha.


“Noma nithokoza, noma nijabula nina baphangi befa lami, noma nixhuma njengesithokazi etshanini obuluhlaza, niyiyizela njengamahhashi anamandla,


“Amehlo akho nenhliziyo yakho kusekuphangeni kuphela, nasekuchitheni igazi elingenacala, nasekucindezeleni, nasekudloveni ukuba ukwenze.”


“Manje nginantoni lapha,” usho uJehova, “lapho abantu bami besusiwe ngeze na? Ababusa phezu kwabo bayaklabalasa,” usho uJehova, “negama lami liyahlanjalazwa njalo usuku lonke.


Ngokuba sebemdlile uJakobe, umuzi wakhe sebewuchithile.


Zathi enhliziyweni yazo: “Masibachithe kanyekanye,” zashisa zonke izindlu zokubuthana zikaNkulunkulu ezweni.


Yebo, ngenxa yakho sibulawa usuku lonke, siphathiswa okwezimvu zokuhlatshwa.


Abaqondi lutho yini bonke abenza okubi, abadla abantu bami, njengokuba bedla isinkwa, bangakhuleki kuJehova, na?


ngisindise kubo bonke abangizingelayo, ungikhulule, bangaze bawudwengule umphefumulo wami njengengonyama eklebhula, kungekho okhululayo.


nokona umuntu ecaleni lakhe, iNkosi ayikuboni lokhu na?


Bathukile kuwe uyise nonina, bacindezela abezizwe phakathi kwakho, bona phakathi kwakho izintandane nabafelokazi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite