Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 94:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Uyaphindisela kubo ukushinga kwabo, abaqede ngobubi babo; uJehova uNkulunkulu wethu uyakubaqeda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Ukukhohlakala kwabo ukuphindisela kubo, uyobaqeda nya ngobubi babo; uSimakade uNkulunkulu wethu uyabaqeda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Futhi uyoletha ububi babo phezu kwabo futhi ababhubhise ngobubi babo; yebo, uJehova uNkulunkulu wethu uyakubabhubhisa.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 94:23
20 Referans Kwoze  

Ukwelelesa kwakhe kubuyela ekhanda lakhe; ubudlwangudlwangu bakhe behlela okhakhayini lwakhe.


Omubi uwiswa phansi ngobubi bakhe, kepha olungileyo unethemba ekufeni kwakhe.


Kepha ababi bayakunqunywa ezweni, nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.


Wena Nkulunkulu uyakubaphonsa egodini lokubhubhisa; abantu begazi nenkohliso abayikufinyelela nasenxenyeni yezinsuku zabo; kepha mina ngizakwethemba wena.


Omubi uyakubanjwa ngububi bakhe, abhajwe ngezintambo zezono zakhe.


Bayakuwiswa, baficwe lulimi lwabo; bonke abababonayo bayonikina ikhanda.


Emva kwalawo masonto angamashumi ayisithupha nambili ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo, ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe.


Izimpondo eziyishumi-ke, kulowo mbuso kuyakuvela amakhosi ayishumi, kuvele enye emva kwawo; iyakwahluka kwawokuqala, ithobise amakhosi amathathu.


“Kepha lapho olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze okubi, enze zonke izinengiso azenzayo omubi, uyakuphila na? Izenzo zakhe ezilungileyo, nesisodwa asenzileyo asiyikukhunjulwa, afele ezeqweni eqe ngazo nasezonweni one ngazo.


Ngalokho bayakudla izithelo zendlela yabo, basuthe ngamacebo abo.


UJehova uyakunquma zonke izindebe ezithophayo, ulimi olukhuluma amazwi amakhulu,


Base bemphanyeka-ke uHamani emthini ayewulungisele uMoridekayi. Yayisibohla intukuthelo yenkosi.


UNkulunkulu wabuyisela bonke ububi babantu baseShekemi emakhanda abo, behlelwa yisiqalekiso sikaJothamu indodana kaJerubali.*


Bhekani, ngiyakubeka umoya kuyo, izwe amahemuhemu, ibuyele ezweni lakubo, ngiyiwise ngenkemba ezweni lakubo.’ ”


kepha lapho lokho kwafika phambi kwenkosi, yasho ngencwadi ukuba lelo cebo elibi ayelicebe ngabaJuda libuyele ekhanda lakhe, yena namadodana akhe baphanyekwe emthini.


Lokhu makube ngumvuzo wezitha, uvela kuJehova, nowabakhuluma kabi ngomphefumulo wami.


Uyakufa yena ngokuswela ukulaywa, nangobuningi bobuwula bakhe uyakuduka.


Ngiyakumjezisa yena nenzalo yakhe nezinceku zakhe ngokona kwabo, ngehlisele phezu kwabo, naphezu kwabakhileyo eJerusalema, naphezu kwabantu bakwaJuda konke okubi engikukhulume ngabo, bengalalelanga kodwa.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite