Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 94:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 wenzela ukuba umphumuze ezinsukwini ezimbi, aze ambelwe umgodi lowo ongenamthetho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Umenza aphumule ezinsukwini ezimbi, aze ambele umgodi lowo ongenamthetho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 ukuze umphumuze ezinsukwini zosizi kuze kumbiwe umgodi omubi.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 94:13
16 Referans Kwoze  

Wena Nkulunkulu uyakubaphonsa egodini lokubhubhisa; abantu begazi nenkohliso abayikufinyelela nasenxenyeni yezinsuku zabo; kepha mina ngizakwethemba wena.


iNkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu, kepha abangalungile iyabagcinela usuku lokwahlulelwa, bajeziswe,


Abezizwe bashone phansi egebeni abalenzileyo; unyawo lwabo lubhajwe esihibeni abasifihlileyo.


Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: “Loba ukuthi: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela kulesi sikhathi.” “Yebo,” usho uMoya, “ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela.”


Ngiyezwa, kuyathuthumela okuphakathi kwami, izindebe zami ziyaqhaqhazela ngenhlokomo; ukubola kungena emathanjeni ami, ngithuthumela endaweni lapha ngimi khona, ngilindela usuku lokuhlupheka ukuze kukhuphuke lokhu okuyakucindezela abantu.


nezizwe zazinolaka, kepha kwafika ulaka lwakho, nesikhathi sokwahlulelwa kwabafileyo, nokunika umvuzo izinceku zakho, abaprofethi nabangcwele nabesabayo igama lakho, abancane nabakhulu, nokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.”


Ngakho-ke kubasalele abantu bakaNkulunkulu ukuphumula kwesabatha.


Makuzwakale ukukhala ezindlini zabo, lapho ubehlisela impi ngokuzumayo, ngokuba bembile umgodi wokungibamba, bafihlela izinyawo zami izingibe.


Okuhle kuyakuphindiselwa ngokubi na? lokhu bembele umphefumulo wami umgodi. Khumbula ukuthi ngema phambi kobuso bakho ukukhuluma okuhle ngabo nokukubuyisa ukufutheka kwakho kubo.


Bengizakwesabelani ezinsukwini ezimbi, lapha ububi babangizingelayo bungihaqa,


Lapho yena ethula, ngubani ongalahla, nalapho ethukusa ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa ngokufananayo, noma kuyisizwe noma kungumuntu,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite