Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 92:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Batshaliwe endlini kaJehova, bamila emagcekeni kaNkulunkulu wethu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Batshalwe endlini kaSimakade, bamilile emagcekeni kaNkulunkulu wethu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Abatshaliwe endlini kaJehova bayakumila emagcekeni kaNkulunkulu wethu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 92:13
14 Referans Kwoze  

kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye namanje nakuze kube lusuku lwaphakade.


ngenze ukuba abalilayo eSiyoni baphiwe amaqhele esikhundleni somlotha, amafutha enjabulo esikhundleni sokulila, ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo, ukuze babizwe ngokuthi imithi yokulunga nokutshaliwe nguJehova ukuba adunyiswe.


uKristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa, ukuze nigxile, nisekelwe othandweni,


Ngokuba uma sihlanganisiwe kanye naye ngokufa okufananayo, siyakuba njalo nangokuvuka,


Ngenani emasangweni akhe ngokubonga, nasemagcekeni akhe ngokudumisa; mbongeni, nibusise igama lakhe.


Abantu bakho bayakuba ngabalungileyo bonke, badle ifa lezwe kuze kube phakade, igatsha lokutshala kwami, umsebenzi wezandla zami, ukuba ngidunyiswe.


emagcekeni endlu kaJehova, phakathi kwakho, Jerusalema. Haleluya!


enimi endlini kaJehova emagcekeni endlu kaNkulunkulu wethu.


Wenza igceke labapristi, negceke elikhulu, neminyango yegceke, wazinameka izivalo zayo ngethusi.


Kepha uma kwaphulwa amanye amagatsha, wena-ke ongumnqumo wasendle wafakelwa phakathi kwawo, wahlanganyela nawo impande yamafutha yomnqumo,


Ngokuba uMoridekayi wayemkhulu endlini yenkosi, nodumo lwakhe lwahamba ezifundeni zonke, ngokuba lowo muntu uMoridekayi wayelokhu ekhula njalo.


Izindebe zakho, makoti wami, ziyaconsa izinyosi; uju nobisi kukhona phansi kolimi lwakho, nephunga lezambatho zakho linjengephunga laseLebanoni.


Imilenze yakhe iyizinsika zetshe elimhlophe ezisekelwe ezinyaweni zegolide elihle; ukubukeka kwakhe kunjengeLebanoni, kukhethekile njengemisedari.*


Ngiyakuba njengamazolo ku-Israyeli; uyakukhahlela njengomnduze, enabise izimpande zakhe njengeLebanoni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite