Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 92:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Olungileyo uyahluma njengesundu, uyakhula njengomsedari* eLebanoni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Olungileyo uhluma njengesundu, akhule njengomsedari eLebhanoni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Olungileyo uyakuqhakaza njengesundu, akhule njengomsedari waseLebanoni.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 92:12
17 Referans Kwoze  

Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi, othela isithelo sawo ngesikhathi sawo, oqabunga lawo lingabuni, nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho.


Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini, ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni, ongesabi lapho kufika ukushisa, amaqabunga awo abe luhlaza, angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu, anganqamuki ukuthela izithelo.”


Iyasutha imithi kaJehova, imisedari* yaseLebanoni ayitshalileyo,


Kepha mina nginjengomnqumo oluhlaza endlini kaNkulunkulu; ngithemba umusa kaNkulunkulu njalonjalo kuze kube phakade naphakade.


Elulekile njengezigodi, njengamasimu ngasemfuleni, njengemihlaba ayitshalile uJehova, njengemisedari* ngaseceleni kwamanzi.


“Nokho mina ngachitha ama-Amori ebusweni babo, akuphakama kwawo kwakunjengokuphakama kwemisedari,* ayenamandla njengama-oki;* kepha ngachitha nokho izithelo zawo phezulu nezimpande zawo phansi.


Abayikwakha, kuhlale omunye; abayikutshala, kudle omunye, ngokuba izinsuku zabantu bami ziyakuba njengezinsuku zomuthi, nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bami uyakugugela kubo.


Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza, kuvame ukuthula, ize ingabikho inyanga.


Esikhundleni sogagane kuyakumila umsayipuresi,* nasesikhundleni samakhakhasi kuyakumila umbomvana. Kuyakuba yigama kuJehova, nesibonakaliso esingapheliyo esingayikunqunywa.”


Wafekethisa zonke izindonga zendlu nxazonke ngezithombe ezibaziweyo zamakherubi, nangamasundu, nangezimbali eziqhakazileyo ngaphakathi nangaphandle.


Noma ababi behluma njengotshani, nezigangi noma ziqhakaza zonke, kuyenzeka ukuba babhujiswe kuze kube phakade.


Wakhuluma ngemithi kusukela kuwo umsedari* oseLebanoni kuze kube kulo ihisopi* elimila odongeni; wakhuluma nangezinkomo, nangezinyoni, nangezilwanyana ezinwabuzelayo, nangezinhlanzi.


nani zintaba namagquma onke, nani mithi ethelayo nayo yonke imisedari,*


AbaJuda baceka zonke izitha zabo ngokuceka kwenkemba, nangokubulala, nangokuchitha, benza kwababazondayo njengokuthanda kwabo.


Lindela uJehova, ulonde indlela yakhe; uzakukuphakamisa, udle ifa lomhlaba, ubukele lapho ababi bechithwa khona.


Isitha sami siyakukubona, sisitshekelwe ngamahloni, esona besithi kimi: “Uphi uJehova uNkulunkulu wakho?” Amehlo ami ayakusibona; manje siyakunyathelwa njengodaka lwasezitaladini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite