Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 92:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kuhle ukumbonga uJehova nokuhubela igama lakho wena oPhezukonke;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Kuhle ukubonga uSimakade, nokuhubela igama lakho, Wena oPhezukonke,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 (Ihubo losuku lwesabatha.) Kuhle ukudumisa uJehova nokuhubela igama lakho, wena oPhezukonke.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 92:1
22 Referans Kwoze  

Haleluya! Ngokuba kuhle ukuhlabelela kuNkulunkulu wethu, yebo, kumnandi; ukudumisa kufanele.


Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


niphendulane ngamahubo nangezihlabelelo nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele iNkosi enhliziyweni yenu,


Dumisani uJehova, ngokuba uJehova muhle; hubelani igama lakhe, ngokuba limnandi.


Yethabani kuJehova nina balungileyo; ukudumisa kubafanele abaqotho.


Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu; ngenzile iNkosi uJehova ibe yisiphephelo sami, ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.


Mababonge uJehova ngomusa wakhe nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.


Ngizakukudumisa kuze kube phakade, ngokuba ukwenzile; ngizakulindela igama lakho, ngokuba lihle phambi kwabangcwele bakho.


“E nkosi, uNkulunkulu oPhezukonke wanika uNebukadinesari uyihlo umbuso, nobukhulu, nodumo, nobukhosi;


Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.


Mababonge uJehova ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.


Ngizakunikela kuwe ngesihle; ngizakulibonga igama lakho, Jehova, ngokuba lihle.


Kepha wena Jehova uphakeme kuze kube phakade.


Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa; oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”


Mina ngathi: “Ningonkulunkulu nina,” nonke ningamadodana oPhezukonke.


Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.


Ngakho-ke kubasalele abantu bakaNkulunkulu ukuphumula kwesabatha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite