Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 91:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Awuyikwesaba ivuso lasebusuku, nomcibisholo ondizayo emini,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Awuyukwesaba okwesabisayo ebusuku, nomcibisholo ondizayo emini,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Akumelwe wesabe ingebhe ebusuku; noma umcibisholo ondiza emini;

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 91:5
19 Referans Kwoze  

Lapho udabula emanzini, mina nginawe; nasemifuleni, ayiyikukukhukhula; lapho uhamba emlilweni, awuyikusha, nelangabi aliyikukushisa.


ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?”


Akesabi imibiko emibi; inhliziyo yakhe iqinile, iyethemba uJehova.


Ababi bayabaleka, noma kungekho obaxoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.


Ngakho-ke asiyikwesaba nokuba kuguquka umhlaba, nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle,


Wayesethi kubo: “Nesabelani nina bokukholwa okuncane na?” Khona wavuka wakhuza umoya nolwandle, kwaba khona ukuthula okukhulu.


INkosi ibiyizwisile impi yama-Aramu umsindo wezinqola, nomsindo wamahhashi, nomsindo wempi enkulu aze akhuluma omunye komunye ngokuthi: “Bheka, inkosi yakwa-Israyeli isiqashele amakhosi amaHeti namakhosi aseGibithe ukuba asifikele.”


Kepha yazini lokhu kokuthi, uma umninindlu ebesazi isikhathi isela elizakufika ngaso, ubengayikuvuma ukuba ifohlwe indlu yakhe.


“Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Wena siwula, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe; pho-ke, izinto ozilungisileyo ziyakuba ngezikabani na?’


Ngadukelwa yingqondo, ngashaywa luvalo; ukuhwelela engakulangazelela kwaphenduka ukuthuthumela kimi.


Onke aphethe izinkemba, afundile ukulwa; yilowo nalowo muntu unenkemba yakhe okhalweni lwakhe ngokwesaba ebusuku.


Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi; isihlungu sayo siphuzwa ngumoya wami; izesabiso zikaNkulunkulu ziyangehlela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite