Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 91:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba yena uyakukhipha ogibeni lomcuphi nasobhadaneni olubhubhisayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ngokuba nguYena oyokuhlenga ogibeni lomcuphi nasobhubhaneni,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Impela uyakukusindisa ogibeni lomcuphi nasobhadaneni olubhubhisayo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 91:3
16 Referans Kwoze  

Umphefumulo wethu uphunyukile njengenyoni ogibeni lwabacuphi; ugibe lwaphukile, thina saphunyuka.


Ngihlenge ogibeni abangibekele lona, nasezihibeni zabenza okubi.


umcibisholo uze uhlabe isibindi sakhe njengenyoni isheshela ogibeni, ingazi ukuthi lubekelwe ukuphila kwayo.


Zophule njengensephe kumzingeli nanjengenyoni esandleni somthiyi wezinyoni.


Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe; njengezinhlanzi ezibanjwa enetheni elibi nezinyoni ezibanjwa ogibeni, kanjalo amadodana abantu abekelwa isihibe ngesikhathi esibi, lapho siwehlela ngokuzumayo.


basanguluke, baphume ogibeni lukaSathane ababanjwe nguye ukuba benze intando yakhe.


Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni.


Inyoni iwela ogibeni emhlabathini, ingenasihibe, na? Ugibe luyaxhuma emhlabathini, lungabambanga nokubamba, na?


umprofethi engumlindi ka-Efrayimi kanye noNkulunkulu wami, ugibe lomthiyi wezinyoni lukuzo zonke izindlela zakhe, nobutha busendlini kaNkulunkulu wakhe.


nobhadane oluhamba ebumnyameni, nesifo esibhubhisayo emini enkulu.


UJehova wayesethuma isifo phezu kuka-Israyeli kusukela ekuseni kuze kube sesikhathini esinqunyiweyo; kwafa abantu abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba.


“Uma kukhona indlala ezweni, noma kukhona isifo, noma kukhona ukuhamuka, nesikhutha, nesikhonyane, nemiswenya, noma isitha sabo sibavimbezela ezweni lemizi yabo, noma kuyiphi inhlupheko nasiphi isifo,


Impela uNkulunkulu uyakuliphohloza ikhanda lezitha zakhe, ukhakhayi olunesihluthu lwalowo osahamba ezonweni zakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite