Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 90:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Kungakaveli izintaba, ungakawenzi umhlaba nezwe, kuthi kusukela phakade kuze kube phakade wena Nkulunkulu ukhona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Zingakaveli izintaba, umhlaba, nezwe ungakakudali, kusukela phakade kuze kube phakade, Wena, Nkulunkulu, ukhona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Zingakaveli izintaba, kungakhathaliseki ukuthi wawenza umhlaba nezwe, kusukela phakade kuze kube phakade wena unguNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 90:2
23 Referans Kwoze  

UJesu Kristu nguyena izolo nanamuhla, yebo, naphakade.


Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.


“Mina ngingu-Alfa no-Omega,” kusho iNkosi uNkulunkulu, “okhona nowayekhona nozayo, uMninimandla onke.”


Isihlalo sakhe sobukhosi simi siqinile kwasendulo; wena ukhona kwaphakade.


Wena Jehova Nkulunkulu wami, oNgcwele, awungowasendulo na? Asiyikufa; Jehova, usinqumele ukwahlulelwa; wena Dwala, usimisele ukujeziswa.


Ngokuba wakhuluma, kwaba khona; wayaleza, kwema khona.


Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.


“Usho kanje uJehova, iNkosi ka-Israyeli, noMhlengi wakhe, uJehova Sebawoti, uthi: Ngingowokuqala, ngingowokugcina, ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu.


Ungumuntu wokuqala owazalwayo na? Wavela ngaphambi kwezintaba na?


owenzile izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okuphakathi kwakho, ogcina iqiniso kuze kube phakade;


Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,


“Kepha wena Betlehema Efratha, omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda, ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe, ozakuba ngumbusi kwa-Israyeli, okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.”


“Phendukelani kini, nisindiswe, nonke nina majukujuku omhlaba, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye.


U-Aroni wayeselula isandla sakhe phezu kwamanzi aseGibithe; amasele akhuphuka-ke, asibekela izwe laseGibithe.


Bheka, uNkulunkulu uphakeme, asimqondi; umumo weminyaka yakhe ayinakuphenywa.


Uyakuvuka, uhawukele iSiyoni; sekuyisikhathi sokuliphatha ngomusa, yebo, isikhathi esimisiweyo sesifikile.


“Ngisabheka, kwabekwa izihlalo zobukhosi, kwahlala omdala wezinsuku; izambatho zakhe zazimhlophe njengeqhwa, izinwele zekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo; isihlalo sakhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo, amasondo aso engumlilo ovuthayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite