Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 90:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Sifundise, Nkosi, ukubala izinsuku zethu, sizuze inhliziyo enokuhlakanipha.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Nkosi, sifundise ukubala kahle izinsuku zethu, ukuze sizuze inhliziyo enokuhlakanipha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngakho sifundise ukubala izinsuku zethu, ukuze siphendule izinhliziyo zethu ekuhlakanipheni.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 90:12
20 Referans Kwoze  

“Jehova, ngazise ukuphela kwami, nesilinganiso sezinsuku zami ukuba siyini; mangazi ukuthi ngingodlulayo.


Ngimelwe ukusebenza imisebenzi yongithumileyo, kusesemini; buyeza ubusuku, lapho kungesebenze muntu.


Sengathi nga behlakaniphile ukuba bakuqonde lokho, bazindle ngokugcina kwabo.


Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu: Zuza ukuhlakanipha; yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha.


Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.


Beka inhliziyo yakho ekulayweni, nezindlebe zakho emazwini okwazi.


Beka indlebe yakho, uzwe amazwi ezihlakaniphi, ubeke ukufundisa kwami enhliziyweni yakho.


Kungcono kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide; yebo, ukuzuza ukuqonda nga kukhethwa kunesiliva.


Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda; ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami;


Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi lokhu kungukuhlakanipha; ukusuka ebubini kungukuqonda.’ ”


Thenga iqiniso, ungathengisi ngalo, nokuhlakanipha, nokulaywa, nokuqonda.


Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla; imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe; impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela*


Kungcono ukuya endlini yokulila kunokuya endlini yedili, ngokuba lokho kungukuphela kwabantu bonke; nophilayo makakubeke enhliziyweni yakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite