Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 9:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Izitha ziphelile, zachitheka kuze kube phakade; imizi wayisimbula, ukukhunjulwa kwayo kwaphela nya.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Izitha ziphelile, zabhujiswa, wayisiphula imizi yazo, kwaphela nya ukukhunjulwa kwazo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Wena sitha, incithakalo iphelile kuze kube nininini, uchithe imizi eyincithakalo; isikhumbuzo sabo sabhubha kanye nabo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 9:6
27 Referans Kwoze  

Ungathokozi ngami, sitha sami; ngokuba uma ngiwile, ngiyakuvuka; lapho ngihlezi ebumnyameni, uJehova uzakuba ngukukhanya kwami.


UMose wathi kubantu: “Ningesabi; qinani, nibone ukusindisa kukaJehova azakunenzela khona namuhla, ngokuba abaseGibithe enibabonile namuhla anisayikubuye nibabone naphakade.”


Yambamba udrako*, inyoka endala, onguMhlebi noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane,


Isitha sokugcina esiyakuchithwa singukufa.


Isitha sami siyakukubona, sisitshekelwe ngamahloni, esona besithi kimi: “Uphi uJehova uNkulunkulu wakho?” Amehlo ami ayakusibona; manje siyakunyathelwa njengodaka lwasezitaladini.


“Bheka, ngimelene nawe ntaba echithayo,” usho uJehova, “wena ochitha wonke umhlaba; ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngikugingqe emadwaleni, ngikwenze intaba eshisiweyo.


“Awuzwanga ukuthi kade ngakwenza na? Emihleni yasendulo ngakunquma; manje sengikulethile ukuba uchithe imizi ebiyelweyo ibe yizinqwaba.


owenza izwe laba yihlane, wayichitha imizi yalo, akavumela iziboshwa zakhe ukuba zigoduke, na?’


Uphelisa ukulwa kuze kube semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.


Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi ukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.


Ngomlomo wezingane nowabancelayo wagxilisa amandla ngenxa yabamelene nawe ukuba uthulise isitha nophindisayo.


isitha masiwuzingele umphefumulo wami, siwufice, sikunyathele phansi ukuphila kwami, nesithunzi sami sisilahle phansi othulini. Sela*


“ ‘Awuzwanga ukuthi kade ngakuhlela na? Emihleni yasendulo ngakunquma; manje sengikulethile ukuba uchithe imizi ebiyelweyo, ibe yizinqwaba.


Lapho abantu bakwa-Israyeli ababe ngaphesheya kwesigodi nalabo ababe ngaphesheya kweJordani bebona ukuthi abantu bakwa-Israyeli babaleka nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi, babaleka; amaFilisti afika, ahlala kuyo.


Kwathi uDavide nabantu bakhe sebefikile eSikilagi ngosuku lwesithathu, ama-Amaleki ayengenele eNingizimu naseSikilagi, alichitha iSikilagi, alishisa ngomlilo,


Bayehlelwa luvalo nokwesaba; ngokobukhulu bengalo yakho bathulisa okwetshe, baze bawele abantu bakho, Jehova, baze bawele abantu bakho obathengileyo.


Ukukhunjulwa kwakhe kuyakuphela emhlabeni, angabi negama ezweni.


Labo bayakhala, uJehova uyezwa; uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo.


Abafileyo ababuyi baphile, izithunzi azibuyi zivuke; ngalokho wabahambela, wabachitha, wenza ukuba konke ukukhunjulwa kwabo kuphele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite