Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 9:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Mabashaywe luvalo, Jehova; abezizwe mabazazi ukuthi bangabantu nje. Sela*

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 Bathele ngovalo, Simakade, ukuze izizwe zazi ukuthi zingabantu nje. Sela

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Zisabe, Jehova, ukuze izizwe zazi ukuthi bangabantu nje. Sela.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 9:20
14 Referans Kwoze  

AbaseGibithe bangabantu, abasiye uNkulunkulu, amahhashi abo ayinyama, awasiwo umoya, nalapho uJehova eyakwelula isandla sakhe uyakukhubeka naye osizayo, kuwe naye osizwayo, baphele bonke kanyekanye.


Abantwana babantu bangumoya nje, abantwana bezikhulu bangamanga; esilinganisweni bayakhuphuka, balula kunomoya bonke.


Ngiyakwenza nabo isivumelwano esiphakade, ukuze ngingabuyi ekubalandeleni, ngibenzele okuhle, ngibeke ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.


Uyanquma umoya wezikhulu, wesabeka kuwo amakhosi omhlaba.


“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Ngiyakuzichitha izithombe, ngiqede onkulunkulu eNofi; akusayikubakho sikhulu esivela ezweni laseGibithe, ngibeke ukwesaba ezweni laseGibithe.


Usasho phambi kokubulalayo ukuthi: “Ngingunkulunkulu mina,” ingani ungumuntu, ungesiye uNkulunkulu, esandleni sokugwazayo, na?


Namuhla ngiyakuqala ukubeka uvalo nokukwesaba phezu kwezizwe zonke eziphansi kwezulu, eziyakuzwa indaba yakho, zithuthumele, ziqhaqhazele ngenxa yakho.’


“Ngiyakuthuma ukwesabeka kwami phambi kwakho, ngibasanganise bonke abantu ozakufika kubo, ngenze ukuba zonke izitha zakho zikufulathele.


“Ndodana yomuntu, thana kuso isikhulu saseTire: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Ngokuba inhliziyo yakho iziphakamisile, wathi: “Ngingunkulunkulu, ngihlala esihlalweni sikaNkulunkulu enhliziyweni yolwandle,” ingani ungumuntu, ungesiye uNkulunkulu, noma umise inhliziyo yakho njengenhliziyo kaNkulunkulu


Bayehlelwa luvalo nokwesaba; ngokobukhulu bengalo yakho bathulisa okwetshe, baze bawele abantu bakho, Jehova, baze bawele abantu bakho obathengileyo.


U-Asa wayesephuma ukuhlangabezana naye, bahlela impi esigodini saseSefata ngaseMaresha.


Insindiso ingekaJehova; isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela*


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite